52 “Ngalokho bheka, izinsuku ziyeza,” usho uJehova,“lapho ngiyakuzihambela izithombe zalo ezibaziweyo,ababulawayo babubule ezweni lonke lalo.
53 Noma iBabele likhuphukela ezulwini,yebo, noma liqinisa inqaba yalo enamandla,kuyakuvela nokho kimi abachithi, balehlele,” usho uJehova.
54 “Ngumsindo wokukhala ovela eBabele,nowencithakalo enkulu ophuma ezweni lamaKaledi,
55 ngokuba uJehova uyalichitha iBabele,aqede phakathi kwalo umsindo omkhulu;amaza alo ayahlokoma njengamanzi amakhulu,nomsindo wokuhlokoma kwawo uyezwakala,
56 ngokuba umchithi uyalehlela,alehlele iBabele,amaqhawe alo ayabanjwa,neminsalo yawo iyaphulwa,ngokuba uJehova unguNkulunkulu wemivuzo,uyakhokha nokukhokha.
57 Ngiyakudakisa izikhulu zalonezihlakaniphi zalo,nezinduna zalo, nababusi balo,namaqhawe alo;bayakulala ubuthongo obuphakade,bangavuki,”isho iNkosiegama layo linguJehova Sebawoti.
58 Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi:“Ugange olubanzi lwaseBabeleluyakubhidlizwa nokubhidlizwa,namasango alo aphakemeyo ayakushiswa ngomlilo;abantu bakhandlekela izenezizwe okomlilo, zikhathale.”