8 IBabele seliwile ngokuzumayo,lachithwa;hhewulani ngalo,nithathele ubuhlungu balo ibhalisamu;*mhlawumbe lingaphiliswa.
9 “Besiyakuliphilisa iBabele,kepha aliphiliswanga;lishiyeni, masihambe siye,kube yilowo nalowo ezweni lakubo,ngokuba ukwahlulelwa kwalo kufinyelela ezulwini,kuphakanyisiwe nasemafwini.
10 “UJehova uvezile imfanelo yethu;wozani silande eSiyoni umsebenzikaJehova uNkulunkulu wethu.
11 “Lolani imicibisholo,nibambe izihlangu.UJehova uvusile umoya wamakhosi aseMediya,ngokuba icebo lakhe ngeBabele lingukuba alichithe,ngokuba lokhu kuyimpindiselo kaJehova,impindiselo ngethempeli lakhe.
12 Misani ibhanela* ngasezingangeni zaseBabele,niqinise umlindo, nimise abalindi,nihlele abaqamekeli,ngokuba uJehova ukuhlosile,futhi wakwenza lokho owakukhulumakwabakhileyo eBabele.
13 Wena ohlala ngasemanzini amakhulu,nonengcebo eningi,sekufikile ukugcina kwakho,isilinganiso sokuhaha kwakho.
14 UJehova Sebawoti uzifungile wathi:Noma ngikugcwalisile ngabantu njengangezinkumbi,bayakuhalalisa nokho ngawe.