1 USedekiya wayeneminyaka engamashumi amabili nanye ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nanye eJerusalema; igama likanina lalinguHamuthali indodakazi kaJeremiya waseLibina.
2 Wenza okubi emehlweni kaJehova njengakho konke akwenzileyo uJehoyakimi.
3 Ngokuba kwenzeka lokho eJerusalema nakwaJuda ngenxa yentukuthelo kaJehova, waze wabalahla ebusweni bakhe; uSedekiya wayihlubuka inkosi yaseBabele.
4 Kwathi ngomnyaka wesishiyagalolunye wokubusa kwakhe ngenyanga yeshumi, ngolweshumi lwenyanga, kwafika uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, yena nayo yonke impi yakhe, eJerusalema, wamisa malungana nalo, bakha inqaba ngakulo nxazonke.
5 Wawusuvinjezelwa umuzi kwaze kwaba ngumnyaka weshumi nanye wenkosi uSedekiya.
6 Ngenyanga yesine ngolwesishiyagalolunye lwenyanga indlala yaba namandla emzini, akubangakho kudla kubantu bezwe.
7 Kepha wawusufohlwa umuzi, onke amadoda empi abaleka, aphuma emzini ebusuku ngendlela yesango phakathi kwezingange zombili ezazingasensimini yenkosi -- amaKaledi ayekhona nxazonke zomuzi -- ahamba ngendlela yase-Araba.