Ujeremiya
Izahluko 52:10-16
Ibhayibheli Elingcwele
10Inkosi yaseBabele yabulala amadodana kaSedekiya phambi kwamehlo akhe; yabulala nazo zonke izikhulu zakwaJuda eRibila.
11Yakhipha namehlo kaSedekiya; inkosi yaseBabele yambopha ngamaketanga, yamyisa eBabele, yamfaka etilongweni kwaze kwaba sosukwini lokufa kwakhe.
12Ngenyanga yesihlanu, ngolweshumi lwenyanga okwakungumnyaka weshumi nesishiyagalolunye wenkosi uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, kwafika uNebuzaradani induna yabalindi, inceku yenkosi yaseBabele, eJerusalema.
13Washisa indlu kaJehova nendlu yenkosi; nazo zonke izindlu zaseJerusalema, zonke izindlu ezinkulu, wazishisa ngomlilo.
14Yonke impi yamaKaledi induna yabalindi eyayinayo yadiliza izingange zaseJerusalema nxazonke.
15Abantu abathile abayizimpofana, nabantu abaseleyo ababesele emzini, nabahlubukileyo behlubukela enkosini yaseBabele, nesixuku esiseleyo uNebuzaradani induna yabalindi wabathumba.
16Kepha uNebuzaradani induna yabalindi washiya abantu abathile bezwe abayizimpofana ukuba baphathe izivini namasimu.