18 Amakhanzi, namafosholo, nezizenze, nemicakulo, nezinkezo, nazo zonke izitsha zethusi ababekhonza ngazo akuthatha.
19 Izindebe, nemicengezi yomlilo, nezitsha, namakhanzi, nezinti zezibani, nezinkezo, nezinkamba, okwegolide lodwa nesiliva lodwa, nalokho induna yabalindi yakuthatha.
20 Izinsika zombili, nolwandle olwalulunye nje, nezinkabi eziyishumi nambili zethusi ezaziphansi kwezinye, inkosi uSolomoni eyayikwenzele indlu kaJehova, ithusi lazo zonke lezi zinto lalingenakulinganiswa.
21 Izinsika-ke, ukuphakama kwensika eyodwa kwakuyizingalo eziyishumi nesishiyagalombili; umucu oyizingalo eziyishumi nambili wawuyizungeza; uhlonze lwayo lwaluyiminwe emine, yayiyigobongo.
22 Kwakukhona isihloko sethusi; ukuphakama kwesihloko esisodwa kwakuyizingalo eziyisihlanu; kwakukhona nenetha namapomegranati* phezu kwesihloko nxazonke, konke kwakungokwethusi; njengangale kwakunjalo nasensikeni yesibili enamapomegranati.
23 Kwakukhona amapomegranati* angamashumi ayisishiyagalolunye nesithupha ngasemoyeni; onke amapomegranati asenetheni nxazonke ayeyikhulu.
24 Induna yabalindi yathatha uSeraya, umpristi omkhulu, noZefaniya, umpristi wesibili, nabalindimnyango abathathu;