23 Kwakukhona amapomegranati* angamashumi ayisishiyagalolunye nesithupha ngasemoyeni; onke amapomegranati asenetheni nxazonke ayeyikhulu.
24 Induna yabalindi yathatha uSeraya, umpristi omkhulu, noZefaniya, umpristi wesibili, nabalindimnyango abathathu;
25 yathatha emzini induna eyayimiswe phezu kwamadoda empi, nabantu abayisikhombisa kwaba besebusweni benkosi abafunyanwa emzini, nombhali wenduna yempi eyayibala abantu bezwe, nabantu bezwe abangamashumi ayisithupha abafunyanwa phakathi komuzi.
26 UNebuzaradani, induna yabalindi, wabathatha, wabayisa enkosini yaseBabele eRibila.
27 Inkosi yaseBabele yabashaya, yababulala eRibila ezweni laseHamati. Wathunjwa kanjalo uJuda ezweni lakubo.
28 Nampa abantu uNebukadinesari abathumbayo: ngomnyaka wesikhombisa abaJuda abayizinkulungwane ezintathu namashumi amabili nantathu,
29 nangomnyaka weshumi nesishiyagalombili kaNebukadinesari wathumba eJerusalema abantu abangamakhulu ayisishiyagalombili namashumi amathathu nambili.