4 Kwathi ngomnyaka wesishiyagalolunye wokubusa kwakhe ngenyanga yeshumi, ngolweshumi lwenyanga, kwafika uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, yena nayo yonke impi yakhe, eJerusalema, wamisa malungana nalo, bakha inqaba ngakulo nxazonke.
5 Wawusuvinjezelwa umuzi kwaze kwaba ngumnyaka weshumi nanye wenkosi uSedekiya.
6 Ngenyanga yesine ngolwesishiyagalolunye lwenyanga indlala yaba namandla emzini, akubangakho kudla kubantu bezwe.
7 Kepha wawusufohlwa umuzi, onke amadoda empi abaleka, aphuma emzini ebusuku ngendlela yesango phakathi kwezingange zombili ezazingasensimini yenkosi -- amaKaledi ayekhona nxazonke zomuzi -- ahamba ngendlela yase-Araba.
8 Kodwa impi yamaKaledi yayixosha inkosi, yamfica uSedekiya emathafeni aseJeriko, yonke impi yakhe yahlakazeka.
9 Ayeseyibamba inkosi, ayenyusela enkosini yaseBabele eRibila ezweni laseHamati, ayahlulela.
10 Inkosi yaseBabele yabulala amadodana kaSedekiya phambi kwamehlo akhe; yabulala nazo zonke izikhulu zakwaJuda eRibila.