10 Ngiyakukhuluma kubani,ngifakaze ukuba bezwe, na?Bheka, izindlebe zabo azisokile,abanakulalela;bheka, izwi likaNkulunkulu seliyihlazo kubo,abathokozi ngalo.
11 Ngalokho ngigcwele ukufutheka kukaJehova,ngikhathele ukunyamezela.“Kuthululele phezu kwabantwana ezitaladini,nasemihlanganweni yezinsizwa kanyekanye,ngokuba nendoda iyakuthathwa nomkayo,ogugileyo kanye nozinsuku zakhe zigcwele.
12 Izindlu zabo ziyakunikelwa kwabanye,amasimu abo nawomkabo kanyekanye,ngokuba ngiyakwelulela isandla samikwabakhileyo ezweni,” usho uJehova.
13 “Ngokuba kusukela kwabancane babokuya kwabakhulu babobayaphanga impango bonke,nabaprofethi nabapristi bonke baqamba amanga.
14 Bapholisa kalula ukulimala kwabantu bami,bathi: ‘Ngukuthula, ngukuthula,’kepha akukho ukuthula.
15 Bayakuba namahloni,ngokuba benza izinengiso;nokho abanamahloni nakanye,abakhophozi;ngalokho bayakuwa phakathi kwabawayo;ngesikhathi sokubahambela kwamibayakukhubeka,” usho uJehova.
16 Usho kanje uJehova, uthi:“Yimani ezindleleni, nibone,nibuze imikhondo yasenduloukuthi iphi indlela enhle,nihambe ngayo,niyakufumana ukuphumula kwemiphefumulo yenu;kepha bathi: ‘Asiyikuhamba ngayo.’