13 “Ngokuba kusukela kwabancane babokuya kwabakhulu babobayaphanga impango bonke,nabaprofethi nabapristi bonke baqamba amanga.
14 Bapholisa kalula ukulimala kwabantu bami,bathi: ‘Ngukuthula, ngukuthula,’kepha akukho ukuthula.
15 Bayakuba namahloni,ngokuba benza izinengiso;nokho abanamahloni nakanye,abakhophozi;ngalokho bayakuwa phakathi kwabawayo;ngesikhathi sokubahambela kwamibayakukhubeka,” usho uJehova.
16 Usho kanje uJehova, uthi:“Yimani ezindleleni, nibone,nibuze imikhondo yasenduloukuthi iphi indlela enhle,nihambe ngayo,niyakufumana ukuphumula kwemiphefumulo yenu;kepha bathi: ‘Asiyikuhamba ngayo.’
17 Ngase ngibeka abalindi phezu kwenu,ngithi: ‘Qaphelani ukukhala kwecilongo,’kepha bathi: ‘Asiyikukuqaphela.’
18 Ngalokho zwanini nina zizwe,wazi wena bandlaukuthi yintoni ephakathi kwabo.
19 Yizwa wena mhlaba ukuthi: Bheka,ngiyakwehlisela okubi phezu kwalaba bantu,izithelo zemicabango yabo,ngokuba abaqaphelanga amazwi ami,nomthetho wami bawulahlile.