16 Usho kanje uJehova, uthi:“Yimani ezindleleni, nibone,nibuze imikhondo yasenduloukuthi iphi indlela enhle,nihambe ngayo,niyakufumana ukuphumula kwemiphefumulo yenu;kepha bathi: ‘Asiyikuhamba ngayo.’
17 Ngase ngibeka abalindi phezu kwenu,ngithi: ‘Qaphelani ukukhala kwecilongo,’kepha bathi: ‘Asiyikukuqaphela.’
18 Ngalokho zwanini nina zizwe,wazi wena bandlaukuthi yintoni ephakathi kwabo.
19 Yizwa wena mhlaba ukuthi: Bheka,ngiyakwehlisela okubi phezu kwalaba bantu,izithelo zemicabango yabo,ngokuba abaqaphelanga amazwi ami,nomthetho wami bawulahlile.
20 Ifikelani kimi inhlaka evela eSheba,nomhlanga othaphukayo ovela ezweni elikude, na?Iminikelo yenu yokushiswa ayamukeleki,nemihlatshelo yenu ayimnandi kimi.”
21 Ngalokho usho kanje uJehova, uthi:“Bheka, ngiyakubekela laba bantu izikhubekiso,oyise namadodana bakhubeke kanyekanye kuzo,umakhelwane abhubhe kanye nomngane wakhe.”
22 Usho kanje uJehova, uthi:“Bheka, kuvela abantu ezweni elisenyakatho;isizwe esikhulu siyakuvuswa ekugcineni komhlaba.