22 Usho kanje uJehova, uthi:“Bheka, kuvela abantu ezweni elisenyakatho;isizwe esikhulu siyakuvuswa ekugcineni komhlaba.
23 Babamba umnsalo nomkhonto;banonya, abanamusa,izwi labo liduma njengolwandle,bakhwele amahhashi,behleliwe njengabantu abayakulwa,behlelelwe ukulwa nawe ndodakazi yaseSiyoni.”
24 Sizwile imibiko yalokho:izandla zethu ziyadangala;usizi lusibambile,imihelo njengeyobelethayo.
25 Ningaphumeli endle,ningahambi endleleni,ngokuba isitha sinenkemba,navalo nxazonke.
26 Ndodakazi yabantu bami,bhinca indwangu yamasaka,uhuquzele emlotheni,wenze isililo njengesendodana eyodwa,ukukhala okumunyu,ngokuba umphangi uyakusehlela masinyane.
27 “Ngikubekile ukuba ube ngumhlolinenqaba phakathi kwabantu bami,wazi, uhlole indlela yabo.
28 Bahlubukile bonke nokuhlubuka,behamba behleba;bayithusi nensimbi,bangabachithi bonke.