26 Ndodakazi yabantu bami,bhinca indwangu yamasaka,uhuquzele emlotheni,wenze isililo njengesendodana eyodwa,ukukhala okumunyu,ngokuba umphangi uyakusehlela masinyane.
27 “Ngikubekile ukuba ube ngumhlolinenqaba phakathi kwabantu bami,wazi, uhlole indlela yabo.
28 Bahlubukile bonke nokuhlubuka,behamba behleba;bayithusi nensimbi,bangabachithi bonke.
29 Izifutho ziyafutha,kepha emlilweni kuphuma umthofu kuphela;impela bancibilikisela ize nje,ngokuba ababi abakhishwa.
30 Bayakuthiwa isiliva elilahlwayo,ngokuba uJehova ubalahlile.”