7 Njengomthombo umpompoza amanzi awo,kanjalo umpompoza ububi bawo;ubudlova nokubhubhisa kuzwakele phakathi kwawo;ukugula namanxeba kukhona phambi kwami njalo.
8 Mawuxwayiswe, Jerusalema,funa umphefumulo wami wahlukane nawe,funa ngikwenze incithakalo,izwe elingahlalwa.”
9 Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi:“Bayakuyikhothoza nokuyikhothozainsali yakwa-Israyeli njengomvini;buyisela isandla sakho emaqomeninjengobutha izithelo zomvini.”
10 Ngiyakukhuluma kubani,ngifakaze ukuba bezwe, na?Bheka, izindlebe zabo azisokile,abanakulalela;bheka, izwi likaNkulunkulu seliyihlazo kubo,abathokozi ngalo.
11 Ngalokho ngigcwele ukufutheka kukaJehova,ngikhathele ukunyamezela.“Kuthululele phezu kwabantwana ezitaladini,nasemihlanganweni yezinsizwa kanyekanye,ngokuba nendoda iyakuthathwa nomkayo,ogugileyo kanye nozinsuku zakhe zigcwele.
12 Izindlu zabo ziyakunikelwa kwabanye,amasimu abo nawomkabo kanyekanye,ngokuba ngiyakwelulela isandla samikwabakhileyo ezweni,” usho uJehova.
13 “Ngokuba kusukela kwabancane babokuya kwabakhulu babobayaphanga impango bonke,nabaprofethi nabapristi bonke baqamba amanga.