1 Izwi elafika kuJeremiya livela kuJehova, lithi:
2 “Yima esangweni lendlu kaJehova, umemeze lapho leli zwi, uthi:“ ‘Zwanini izwi likaJehova nina nonke bakwaJuda eningena ngalawa masango ukukhuleka kuJehova.
3 Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Lungisani izindlela zenu nezenzo zenu, khona ngiyakunakhisa kule ndawo.
4 Ningethembi emazwini amanga, lapho kuthiwa: “Nanti ithempeli likaJehova, ithempeli likaJehova, ithempeli likaJehova.”
5 Ngokuba uma nizilungisa nokuzilungisa izindlela zenu nezenzo zenu, uma nenza ukwahlulela impela phakathi komuntu nomakhelwane wakhe,
6 uma ningacindezeli umfokazi, nentandane, nomfelokazi, ningachithi igazi elingenacala kule ndawo, futhi ningalandeli abanye onkulunkulu ukuba nilimale,
7 ngiyakunakhisa kule ndawo ezweni engalinika oyihlo kusukela endulo kuze kube phakade.