10 Ngalokho abafazi babo ngiyakubanika abanye,namasimu abo kwabayakuwadla,ngokuba kusukela kwabancane kuya kwabakhulubayaphanga impango bonke,nabaprofethi nabapristi bonkebaqamba amanga.
11 Bapholisa kalula ukulimala kwendodakazi yabantu bami, bathi:“Ngukuthula, ngukuthula;”kepha akukho ukuthula.
12 Bayakuba namahloni,ngokuba benza izinengiso;nokho abanamahloni nakanye, abakhophozi;ngalokho bayakuwa phakathi kwabawayo,ngesikhathi sokubahambela kwamibayakukhubeka, usho uJehova.
13 “ ‘Bengiyakubutha nokubutha,’ usho uJehova,‘kepha azikho izithelo zomvini emvinini,namakhiwane emkhiwaneni;namaqabunga abunile;engibanikile khona kusukile kubo.’ ”
14 “Sihlalelani na?Buthanani,singene emizini ebiyelweyo,sibhubhe khona,ngokuba uJehova uNkulunkulu wethu usibhubhisile,wasiphuzisa amanzi enyongo,ngokuba sonile kuJehova.
15 Silindela ukuthula,kepha okuhle akukho,nesikhathi sokuphulukiswa,kepha bheka, luvalo.
16 Ukuthimula kwamahhashi akhe kuyezwakala kwaDani;ngezwi lokuyiyiza kwanamandla akheizwe lonke liyathuthumela,ngokuba afikile,alidlile izwe nakho konke okukulo,umuzi nabakhe kuwo.”