6 Ngaqaphela, ngezwa;abakhulumanga kahle;akakho ozisola ngobubi bakhe, ethi:“Ngenzeni na?”Bonke baphendukela emisebenzini yabonjengamahhashi aphulukundlela empini.
7 Nonogolantethe emkhathiniuyazazi izikhathi zakhe ezimisiweyo,ihobhe, nenkonjane, nonohemubagcina isikhathi sokufika kwabo,kepha abantu bami abazazi izahlulelo zikaJehova.
8 “ ‘Ningasho kanjani, nithi:“Sihlakaniphile,umthetho kaJehova unathi,” na?Impela bheka, uthi lokuloba lwamanga lwababhalilusebenzile okwamanga.
9 Abahlakaniphileyo bayakujabha,besabe, babhajwe;bheka, balilahlile izwi likaJehova,banokuhlakanipha kuni na?
10 Ngalokho abafazi babo ngiyakubanika abanye,namasimu abo kwabayakuwadla,ngokuba kusukela kwabancane kuya kwabakhulubayaphanga impango bonke,nabaprofethi nabapristi bonkebaqamba amanga.
11 Bapholisa kalula ukulimala kwendodakazi yabantu bami, bathi:“Ngukuthula, ngukuthula;”kepha akukho ukuthula.
12 Bayakuba namahloni,ngokuba benza izinengiso;nokho abanamahloni nakanye, abakhophozi;ngalokho bayakuwa phakathi kwabawayo,ngesikhathi sokubahambela kwamibayakukhubeka, usho uJehova.