1 Sengathi ikhanda lami nga lingamanzi,namehlo ami umthombo wezinyembeziukuba ngikhalele ababuleweyo bendodakazi yabantu bamiimini nobusuku.
2 Sengathi nga nginendawo yokulalakwezihambi ehlaneukuba ngishiye abantu bami,ngisuke kubo,ngokuba bangabaphingi bonke,umhlangano wabakhohlisi.
3 “Bagobela umnsalo wolimi lwabo amanga,abaqinelanga iqiniso ezweni;kepha basuka kokubi, baya kokubi;mina-ke abangazi,” usho uJehova.
4 “Yilowo nalowo makaxwaye umakhelwane wakhe,ningethembi nakumfowenu,ngokuba abafowenu bonke bayaqinela,nabo bonke abakhelwane bayahambahamba behleba.