13 UJehova wathi: “Ngokuba bewushiyile umthetho wami engawubeka phambi kwabo, bengalilalelanga izwi lami, bengahambanga ngalo,
14 kepha belandela inkani yezinhliziyo zabo nawoBali abakufundiswa ngoyise.”
15 Ngalokho usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Bheka, ngiyakubanika laba bantu ukuba badle umhlonyane, baphuze amanzi enyongo.
16 Ngiyakubahlakazela ezizweni abangazazanga bona nawoyise, ngithume emva kwabo inkemba, ngize ngibaqede.”
17 Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi:“Qaphelani, nibize abesifazane besililoukuba bafike,nithumele kwabesifazane abahlakaniphileyoukuba bafike,
18 basheshe basikhihlele isililo,ukuze amehlo ethu amululeke izinyembezi,nezinkophe zethu ziphophoze amanzi.
19 Ngokuba izwi lokukhala lizwakalalivela eSiyoni, lithi:‘Yeka ukuphangwa kwethu!Sijabhile kakhulu, ngokuba silishiyile izwe,ngokuba badilizile izindlu zethu.’ ”