15 Ngalokho usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Bheka, ngiyakubanika laba bantu ukuba badle umhlonyane, baphuze amanzi enyongo.
16 Ngiyakubahlakazela ezizweni abangazazanga bona nawoyise, ngithume emva kwabo inkemba, ngize ngibaqede.”
17 Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi:“Qaphelani, nibize abesifazane besililoukuba bafike,nithumele kwabesifazane abahlakaniphileyoukuba bafike,
18 basheshe basikhihlele isililo,ukuze amehlo ethu amululeke izinyembezi,nezinkophe zethu ziphophoze amanzi.
19 Ngokuba izwi lokukhala lizwakalalivela eSiyoni, lithi:‘Yeka ukuphangwa kwethu!Sijabhile kakhulu, ngokuba silishiyile izwe,ngokuba badilizile izindlu zethu.’ ”
20 Yebo, zwanini izwi likaJehovanina besifazane,izindlebe zenu zilamukele izwi lomlomo wakhe,nifundise amadodakazi enu ukukhala,kube yilowo nalowo umakhelwane wakhe ukulila.
21 Ngokuba ukufa kwenyukele emafasiteleni ethu,kungene ezindlini zethu zamakhosiukunquma abantwana ezitaladini,nezinsizwa ezigcawini.