23 Usho kanje uJehova, uthi:“Ohlakaniphileyo makangazibongingokuhlakanipha kwakhe,neqhawe malingazibongingobuqhawe balo,nocebileyo makangazibongingengcebo yakhe,
24 kepha ozibongayo makazibongengalokhu ukuthi uyangiqonda,angazi ukuthi nginguJehovaowenza umusa nokwahlulela nokulunga emhlabeni,ngokuba ngiyathokoza ngokunjalo,” usho uJehova.
25 “Bheka, izinsuku ziyeza,” usho uJehova, “lapho ngiyakuhambela bonke abasokileyo ekungasokini kwabo,
26 iGibithe, noJuda, no-Edomi, nabantwana bakwa-Amoni, noMowabi, nabo bonke abadilingiwe emaceleni amakhanda abo abakhe ehlane, ngokuba zonke izizwe azisokile, nendlu yonke yakwa-Israyeli ayisokile enhliziyweni.”