5 Yilowo nalowo uyakhohlisa umakhelwane wakhe,abakhulumi iqiniso;bazifundisile izilimi zabo ukukhuluma amanga,bazikhathaza ngokwenza okubi.
6 Uhlala phakathi kwenkohliso;ngenkohliso bayala ukungazi,” usho uJehova.
7 Ngalokho uJehova Sebawoti usho kanje, uthi:“Ngiyakubancibilikisa, ngibavivinye,ngokuba ngingenze njaningenxa yendodakazi yabantu bami na?
8 Ulimi lwabo lungumcibisholo obulalayo,lukhuluma inkohliso;bakhuluma kahle ngomlomo wabo kumakhelwane wabo,kepha ezinhliziyweni bayamqamekela.
9 Angiyikubahambela ngalokhu na?” usho uJehova.“Umphefumulo wamiawuyikuphindisa esizweni esinjengalesi na?”
10 Ngiyakuphakamisela izintaba ukukhala nokulila,namadlelo asehlane ukulilisela,ngokuba ashisiwe kungekho muntu odlula kuwo,kungezwakali ukukhonya kwezinkomo;izinyoni zezulu nezilwane zibalekile, zahamba.
11 “Ngiyakulenza iJerusalema libe yizinqwabanekhaya lamakhanka,ngenze imizi yakwaJuda incithakalo,lapho kungahlali muntu khona.”