Isihlabelelo Sezihlabelelo 1 ZUL59

Umakoti ulangazelela umyeni

1 Isihlabelelo sezihlabelelo esingesikaSolomoni.

Umakoti:

2 Makangange ngokwanga komlomo wakhe!Ngokuba uthando lwakho lumnandi kunewayini.

3 Amafutha akho anephunga elimnandi;igama lakho linjengamafutha athululiweyo;ngalokho izintombi ziyakuthanda.

4 Ngidonse emva kwakho, sigijime;inkosi isingingenisile emakamelweni ayo.Siyakujabula, sithokoze ngawe,sikhulume ngothando lwakho kunewayini.Kufanele ukuba bakuthande.

Abangane:

5 Ngimnyama, kepha ngimuhle,madodakazi aseJerusalema,njengamatende akwaKedari,njengezilenge zikaSolomoni.

6 Ningangibuki ukuthi ngimnyamana,ngokuba ilanga lingifusile.Amadodana kamame angifutha,angenza umlindizivini,kepha isivini esingesami angisilindanga.

7 Ngitshele wena othandwa ngumphefumulo wamiukuthi waluselaphi,uphumuzaphi umhlambi emini,ngokuba yini ukuba ngibe njengowesifazane odukileyongasemihlambini yabangane bakho na?

Abangane:

8 Uma ungakwaziwena muhlekazi phakathi kwabesifazane,phuma uhambe ezinyathelweni zomhlambi,waluse amazinyane akhongasematendeni abelusi.

Ukuphendulana komyeni nomakotiUmnyeni:

9 Ngikufanisa nehhashi lensikazi lezinqola zikaFaro,sithandwa sami.

10 Izihlathi zakho zinhlekangakanani zinezintambo zobuhlalu,nentamo yakho ineminaka.

11 Siyakukwenzela izintambo zobuhlalu begolide,namaqhosha esiliva.

Umakoti:

12 Inkosi isahlezi ngasetafuleni layoinadi* lami lathaphuka iphunga lalo.

13 Othandiweyo wami ungumshuquluwemure* kimi,olele phakathi kwamabele ami.

14 Othandiweyo wami uyihlukuzo lezimbali zehena*ezivinini zase-Eni Gedi.

Umnyeni:

15 Bheka, umuhle, sithandwa sami!Bheka, umuhle!Unamehlo amajuba.

Umakoti:

16 Bheka, umuhle, othandiweyo wami!Yebo, umnandi, nesilili sethu siluhlaza.

Umnyeni:

17 Imishayo yendlu yethu iyimisedari,*nemiqhadi iyimisayipuresi.*

Izahluko

1 2 3 4 5 6 7 8