Isihlabelelo Sezihlabelelo 6 ZUL59

Abangane:

1 Othandiweyo wakho uyephi,wena muhlekazi phakathi kwabesifazane;ushonephi othandiweyo wakhoukuba simfune kanye nawe na?

2 Othandiweyo wami wehlele ensimini yakhe,ezindimeni zamakha,ukuba aluse ensimini,akhe iminduze.

Umakoti:

3 Mina ngingowothandiweyo wami,nothandiweyo wami ungowami,lapho alusa phakathi kweminduze.

Umyeni ubabaza umakoti wakhe

4 Umuhle, sithandwa sami, njengeTirisa,umnandi njengeJerusalema,kepha wesabeka njengezimpi.

5 Susa amehlo akho kimi,ngokuba ayangiphaphathekisa;izinwele zakho zinjengomhlambi wezimbuziowehla entabeni yakwaGileyadi.

6 Amazinyo akho anjengomhlambi wezimvukaziezikhuphuka zigeziwe,zinamawele zonke,kungekho neyodwa phakathi kwazo efelweyo.

7 Izihlathi zakho zinjengenxenye yepomegranati*emva kwemvakazi yakho.

8 Amakhosikazi angamashumi ayisithupha,nezancinza zingamashumi ayisishiyagalombili,nezintombi azinakubalwa.

9 Kepha ijuba lami,opheleleyo wami munye nje;ungoyedwa kunina,ungokhethiweyo wakhe owamzalayo.Amantombazana ayambona,athi ubusisiwe;amakhosikazi nezancinza bayamdumisa.

Abangane:

10 Ngubani lo olunguza njengokusa,emuhle njengenyanga,ecwebile njengelanga,kepha esabeka njengezimpi, na?

Umnyeni:

11 Ngehlela ensimini yamantongomaneukuyobona uhlaza lwesigodi,nokubona uma imivini iqhakazile,namapomegranati* uma ekhahlele.

12 Ngingakakwazi ukulangazela kwami kwangibekaenqoleni yabantu benkosana yami.

Abangane:

13 Phenduka, phenduka, mShulamiti!Phenduka, phenduka ukuba sikubuke!Nibonani kumShulamiti?Kunjengokusina kwaseMahanayimi.

Izahluko

1 2 3 4 5 6 7 8