1 Othandiweyo wakho uyephi,wena muhlekazi phakathi kwabesifazane;ushonephi othandiweyo wakhoukuba simfune kanye nawe na?
2 Othandiweyo wami wehlele ensimini yakhe,ezindimeni zamakha,ukuba aluse ensimini,akhe iminduze.
3 Mina ngingowothandiweyo wami,nothandiweyo wami ungowami,lapho alusa phakathi kweminduze.
4 Umuhle, sithandwa sami, njengeTirisa,umnandi njengeJerusalema,kepha wesabeka njengezimpi.
5 Susa amehlo akho kimi,ngokuba ayangiphaphathekisa;izinwele zakho zinjengomhlambi wezimbuziowehla entabeni yakwaGileyadi.
6 Amazinyo akho anjengomhlambi wezimvukaziezikhuphuka zigeziwe,zinamawele zonke,kungekho neyodwa phakathi kwazo efelweyo.
7 Izihlathi zakho zinjengenxenye yepomegranati*emva kwemvakazi yakho.
8 Amakhosikazi angamashumi ayisithupha,nezancinza zingamashumi ayisishiyagalombili,nezintombi azinakubalwa.
9 Kepha ijuba lami,opheleleyo wami munye nje;ungoyedwa kunina,ungokhethiweyo wakhe owamzalayo.Amantombazana ayambona,athi ubusisiwe;amakhosikazi nezancinza bayamdumisa.
10 Ngubani lo olunguza njengokusa,emuhle njengenyanga,ecwebile njengelanga,kepha esabeka njengezimpi, na?
11 Ngehlela ensimini yamantongomaneukuyobona uhlaza lwesigodi,nokubona uma imivini iqhakazile,namapomegranati* uma ekhahlele.
12 Ngingakakwazi ukulangazela kwami kwangibekaenqoleni yabantu benkosana yami.
13 Phenduka, phenduka, mShulamiti!Phenduka, phenduka ukuba sikubuke!Nibonani kumShulamiti?Kunjengokusina kwaseMahanayimi.