Isihlabelelo Sezihlabelelo 5 ZUL59

Umnyeni:

1 Sengingenile ensimini yami,dadewethu, makoti wami;ngiyabutha imure* lami namakha ami,ngiyadla amakhekheba ami kanye nezinyosi zami,ngiyaphuza iwayini lami kanye nobisi lwami.Yidlani, bangane,niphuze, nisuthe ngothando.

Abangane:

2 Bengilele,kepha inhliziyo yami ibiphapheme;kuyizwi lothandiweyo wami elingqongqotha lithi:“Ngivulele, dadewethu,sithandwa sami,juba lami, opheleleyo wami,ngokuba ikhanda lami ligcwele amazolo,nesihluthu sami amaconsi asebusuku.”

3 Ngikhumulile isambatho sami,ngingasifaka kanjani?Ngigezile izinyawo zami,ngingazingcoliselani na?

4 Othandiweyo wayesengenisa isandla sakhe embotsheni,izibilini zami zamhawukela.

5 Ngavuka ukumvulela othandiweyo wami;izandla zami zaconsa imure,*neminwe yami imure elimanziphezu kwezibambo zesihluthulelo.

6 Ngamvulela-ke othandiweyo wami,kepha othandiweyo wami ubephendukile,wamuka;umphefumulo wami wawuphela ngokukhuluma kwakhe,ngamfuna, kepha angamthola;ngambiza,kodwa akaphendula.

7 Abalindi bangifumanabehambahamba emzini,bangishaya, bangilimaza;abalindi bezingange bangaphuca imvakazi yami.

Ukuphendulana komyeni nomakoti

8 Ngiyanifungisa, madodakazi aseJerusalema,uma nimfumana othandiweyo wami,ukuba nimtshele ukuthi ngiyafa uthando.

Abangane:

9 Othandiweyo wakho udlula ngani omunye,wena muhlekazi phakathi kwabesifazane, na?Othandiweyo wakho udlula kuphi omunyeukuba usifungise kanjalo na?

Umakoti:

10 Othandiweyo wami uyakhazimula ngobumhlophe, ubomvu,uyabonakala phakathi kwezigidi.

11 Ikhanda lakhe liyigolide elihle elicwengekileyo;isihluthu sakhe sinententezo,simnyama njengegwababa.

12 Amehlo akhe anjengamajuba ngasemifuleni yamanzi,ageziwe ngobisi ehlezi ngasemifudlaneni egcweleyo.

13 Izihlathi zakhe ziyizindima zamakha ezithaphuka iphunga,nezindebe zakhe ziyiminduzeeconsa imure* elimanzi.

14 Izingalo zakhe ziyizindilinga zegolide,okufakwe kuzo amakrisolithe;*isidumbu sakhe sinjengokwenziwe ngophondo lwendlovu,sembesiwe ngamasafire.*

15 Imilenze yakhe iyizinsika zetshe elimhlopheezisekelwe ezinyaweni zegolide elihle;ukubukeka kwakhe kunjengeLebanoni,kukhethekile njengemisedari.*

16 Umlomo wakhe umnandi,uyanxaneleka wonke;yilowo ongothandiweyo wami,yilowo ongumngane wami,nina madodakazi aseJerusalema.

Izahluko

1 2 3 4 5 6 7 8