Isihlabelelo Sezihlabelelo 8 ZUL59

1 Sengathi nga unjengomfowethuowancela amabele kamame!Uma bengikufumana phandle,bengiyakukwanga ngingadelelwa muntu.

2 Bengiyakukuhola,ngikuyise endlini kamame;ubuyakungifundisa;bengiyakukuphuzisa iwayini eliyolisiweyo,amanzi ompomegranati* wami.

3 Isandla sakhe sokhohlobesiyakubaphansi kwekhanda lami,nesokunene sakhe besiyakungigona.

4 Ngiyanifungisa,madodakazi aseJerusalema,ukuba ningalunyakazisi,ningaluvusi uthando,lungakavumi.

Abangane:

5 Ngubani owenyuka ehlaneencike kothandiweyo wakhe na?Phansi komapula* ngakuvusa;lapho unyoko wayenemihelo ngawe,khona lapho wayenemihelo owakuzalayo.

Umakoti:

6 Ngifake njengophawu enhliziyweni yakho,njengophawu engalweni yakho,ngokuba uthando lunamandla njengokufa;isikhwele silukhuni njengendawo yabafileyo;amalangabi alo angamalangabi omlilo,ilangabi likaJehova.

7 Amanzi amaningi awanakulucima uthando,nemifula ayinakuluminzisa;uma umuntu ebeyakunika yonke impahla yendlu yakhe ngothando,nokho ubeyakwaliwa nokwaliwa.

Umakoti nabafowaboAbangane:

8 Sinodadewethu omncane,kanawo amabele;siyakwenza njani ngodadewethu ecelwa na?

9 Uma elugange,siyakwakha phezu kwakhe umbhoshongwana wesiliva;uma eyisicabha,siyakumvalela ngamapulangwe omsedari.*

Umakoti:

10 Ngilugange,namabele ami anjengemibhoshongo;khona ngaba semehlweniakhe njengofumene ukuthula.

Ingcebo enkulu kunekaSolomoni

11 USolomoni wayenesivini eBali Hamoni;wasinika isivini kubaphathi;baletha, kwaba yilowo nalowo,izinhlamvu eziyinkulungwane zesiliva ngezithelo zaso.

12 Isivini esingesami siphambi kwami;inkulungwane mayibe ngeyakho, Solomoni,namakhulu amabili abe ngawabaphathi bezithelo zaso.

Umyeni nomakoti bayabizanaUmnyeni:

13 Wena ohlala emasimini,abangane balalela izwi lakho;ake ungizwise lona.

Umakoti:

14 Shesha, othandiweyo wami,ufane nensephenesixhumo sendluzeleezintabeni zamakha.

Izahluko

1 2 3 4 5 6 7 8