Isihlabelelo Sezihlabelelo 2 ZUL59

Umakoti:

1 Ngiyintebe yaseSharoni,nomnduze wezigodi.

Umnyeni:

2 Njengomnduze phakathi kwameva,sinjalo isithandwa sami phakathi kwezintombi.

3 Njengomapula* phakathi kwemithi yasehlathini,unjalo othandiweyo wami phakathi kwamadodana.Ngahlala phansi emthunzini wakhe ngokwenama okukhulu,nesithelo sakhe sasimnandi emlonyeni wami.

4 Ungingenisile endlini yewayini,nebhandela* lakhe phezu kwami liluthando.

5 Ngiphaseni ngezigaxa zezithelo zomvini ezomileyo,ngihlumelele ngama-apula,*ngokuba ngiyafa uthando.

6 Isandla sakhe sokhohlo siphansi kwekhanda lami,nesokunene siyangigona.

7 Ngiyanifungisa,madodakazi aseJerusalema,ngezinsephe nangezindluzelekazi zasendleukuba ningalunyakazisi,ningaluvusi uthando,lungakavumi.

Isihlabelelo sothando somakoti

8 Nanto izwi lothandiweyo wami!Bheka, uyeza eqa ezintabeni,etshekula emagqumeni.

9 Othandiweyo wami unjengensephenoma njengesixhumu sendluzele;bheka, umi emva kodonga lwakwethu;uyalunguza emafasiteleni,ubonakala ngaseheleni.

10 Othandiweyo wami wakhuluma, wathi kimi:“Vuka, sithandwa sami,muhlekazi wami; woza sihambe,

11 ngokuba bheka, ubusika budlulile;imvula isiphelile, yamuka;

12 izimbali ziyabonakala emhlabeni,nesikhathi sokuthena imivini sesisondele,nezwi lehobhe liyezwakala ezweni lakithi.

13 Umkhiwane uthela amakhiwane awo aluhlaza,imivini inezimbali,ithaphuka iphunga layo;vuka, sithandwa sami,muhlekazi wami; woza sihambe.”

Umnyeni:

14 Juba lami elisemifantwini yamadwalanasekusithekeni kweziwa,mangibone ubuso bakho,ngizwe izwi lakho,ngokuba izwi lakho limnandi,nobuso bakho buhle.

15 Sibambeleni izimpungushe,izimpungushe ezincaneezichitha izivini,ngokuba izivini zethu zinezimbali.

Umakoti:

16 Othandiweyo wami ungowami,mina ngingowakhe;uyalusa phakathi kweminduze.

17 Kuze kuphole ilanga,namathunzi abaleke,mawube njengensephe,wena othandiweyo wami,nanjengesixhumu sendluzeleezintabeni eziqhekezekileyo.

Izahluko

1 2 3 4 5 6 7 8