1 Ebusuku embhedeni wamingamfuna othandwa ngumphefumulo wami;ngamfuna, kepha angimtholanga.
2 Ngiyakuvuka, ngihambahambe emzini,ezitaladini nasezigcawini;ngiyakufuna othandwa ngumphefumulo wami;ngamfuna, kepha angimtholanga.
3 Abalindi bangifumanabehambahamba emzini:“Nimbonile othandwa ngumphefumulo wami na?”
4 Ngangidlule kancane nje kubo;ngase ngimthola othandwa ngumphefumulo wami;ngambamba, angivumanga ukuba ahambe,ngaze ngamngenisa endlini kamamenasekamelweni lowangikhulisayo.
5 Ngiyanifungisa,madodakazi aseJerusalema,ngezinsephe nangezindluzelekazi zasendleukuba ningalunyakazisi,ningaluvusi uthando,lungakavumi.
6 Ngubani owenyuka ehlane njengezinsika zomusi,eqhole ngemure* nangenhlaka,nangawo onke amakha omthengi, na?
7 Bheka, luhlaka lukaSolomoni!Amaqhawe angamashumi ayisithupha aluzungezileemaqhaweni akwa-Israyeli.
8 Onke aphethe izinkemba,afundile ukulwa;yilowo nalowo muntu unenkemba yakhe okhalweni lwakhengokwesaba ebusuku.
9 Inkosi uSolomoni izenzele uhlaka ngemithi yaseLebanoni.
10 Yenza izinsika zalo ngesiliva,nephansi lalo ngegolide,nesihlalo salo ngokububende,ubuphakathi balo bugandaywe ngothandolwamadodakazi aseJerusalema.
11 Phumani nina madodakazi aseJerusalema,nibone inkosi uSolomoni,inomqhele eyawuqheliswa nguninangosuku lokugcagca kwayonangomhla wokuthokoza kwenhliziyo yayo.