1 Umbono ka-Isaya, indodana ka-Amose, awubonayo ngoJuda neJerusalema emihleni ka-Uziya, noJothamu, no-Ahazi, noHezekiya, amakhosi akwaJuda.
2 Yizwani, mazulu,ubeke indlebe, mhlaba,ngokuba uJehova ukhuluma uthi:“Ngikhulisile ngiphakamisile abantwana,kepha bangihlubukile.
3 Inkabi iyamazi umniniyonembongolo umkhombe womnikaziyo;u-Israyeli akazi,isizwe sami asiqondi.”
4 Hawu, sizwe esonayo,bantu abasindwe ngububi,nzalo yababi,bantwana abonakeleyo!Bamshiyile uJehova,bamdelele oNgcwele ka-Israyeli,babuyele emuva.
5 Ningabe nisashaywa kuphi,nisaqhubeka ukwambuka, na?Lonke ikhanda liyagula,nayo yonke inhliziyo ibuthakathaka.
6 Kusukela ematheni onyawo kuze kube sekhandaakukho okuphelele, ngamanxeba nje,nemivimbo, nemidwa emisha;akukhanywanga ubovu, akuboshwanga,akuthanjiswanga ngamafutha.
7 Izwe lakini liyihlane,imizi yenu ishisiwe ngomlilo,umhlabathi wenu udliwa ngabafokazi phambi kwenu,kuyihlane njengokuchitha kwabafokazi.
8 Indodakazi yaseSiyoni isele njengexhiba esivinini,nanjengedladla ensimini yamaselwa,nanjengomuzi ovinjezelweyo.
9 Uma uJehova Sebawoti ebengasishiyelanga insali,besiyakuba njengeSodoma,sifane neGomora.
10 Yizwani izwi likaJehovanina babusi baseSodoma,nibeke indlebe ekufundiseni kukaNkulunkulu wethunina bantu baseGomora.
11 “Iyini kimi imihlatshelo yenu eminingi na?”usho uJehova;“ngisuthile ngeminikelo yokushiswa yezinqamanangeyamanoni amathole akhuluphalisiweyo;negazi lezinkunzi nelamawundlu nelezimpongoangithokozi ngalo.
12 Lapho nifika ukubona ubuso bami,ngubani okubize lokhu esandleni senuukuba ninyathele amagceke ami na?
13 Ningabe nisaletha iminikelo eyize yempuphu;impepho iyisinengiso kimi;ezokwethwasa kwenyanga namasabatha nokubiza imihlanganoangivumi ububi kanye nemikhosi.
14 Ezokwethwasa zenu kwenyanga nemikhosi yenu emisiweyokuyazondwa ngumphefumulo wami;kungumthwalo phezu kwami,ngikhathele ngukukuthwala.
15 Lapho nelula izandla zenu,ngiyakufihla kini amehlo ami;yebo, lapho nenza imikhuleko eminingi, angiyikuzwa;izandla zenu zigcwele igazi.
16 Gezani, nihlanzeke,nisuse ububi bezenzo zenu phambi kwamehlo ami,niyeke ukwenza okubi.
17 Fundani ukwenza okuhle,nifune ukwahlulela,niqondise abacindezeli,nahlulele izintandane,nimele umfelokazi.
18 “Wozani-ke, sithethe indaba,”usho uJehova;“noma izono zenu zibomvu kakhulu,ziyakuba mhlophe njengeqhwa;noma zibomvu njengokububende,ziyakuba njengoboya bezimvu.
19 Uma nivuma, nilalela,niyakudla okuhle kwezwe;
20 kepha uma nala, nihlubuka,niyakudliwa yinkemba,”ngokuba umlomo kaJehova ukhulumile.
21 Yeka umuzi othembekileyo waphenduka,waba yisifebe,wena owawugcwele ukwahlulela!Ukulunga kwakuhlezi khona,kepha manje ababulali.
22 Isiliva lakho seliphendukile amanyela;iwayini lakho lixubene namanzi.
23 Izikhulu zakho ziyizihlubukinabangane bamasela;bonke bathanda izipho, balandela imivuzo;abahluleli izintandane,nendaba yomfelokazi ayifinyeleli kubo.
24 Ngalokho ithi iNkosi uJehova Sebawoti,uMninimandla ka-Israyeli:“E, ngiyakuzikhulula kwabamelene nami,ngiziphindisele ezitheni zami,
25 ngibuyisele isandla sami kuwe,ngicwengisise impela amanyela akho,ngisuse lonke ithini* lakho,
26 ngibuyisele abahluleli bakho njengakuqala,nabeluleki bakho njengasekuqaleni,andukuba ubizwe ngokuthi uMuzi Wokulunga,uMuzi Othembekileyo.”
27 ISiyoni liyakuhlengwa ngokwahlulelanabaphendukayo kulo ngokulunga.
28 Izihlubuki nezoni ziyakubhujiswa kanyekanye,nabamshiyayo uJehova bayakuqedwa.
29 “Yebo, bayakuba namahloni ngama-oki* enawanxanelayo,niyangaze ngamasimu enawakhethayo.
30 Ngokuba niyakuba njenge-oki*elimaqabunga alo abunile,nanjengensimu engenamanzi.
31 Abanamandla bayakuba njengefilakisi,*nemisebenzi yabo njengenhlansi;bayakusha bobabili kanyekanye,akuyikubakho ocimayo.”