U-Isaya 51 ZUL59

Ukukhululwa kuyasondela

1 “Ngilaleleni nina enilandela ukulunga,nina enimfunayo uJehova;bhekani kulo idwala eniqhezulwe kulo,nakuyo imibhobo yomgodi enakhishwa kuyo.

2 Bhekani ku-Abrahama uyihlo,nakuSara owanizalayo,ngokuba eseyedwa ngambiza,ngambusisa, ngamandisa.

3 Ngokuba uJehova uyakuliduduza iSiyoni,aziduduze zonke izindawo zalo ezichithekileyo,enze ihlane lalo libe njenge-Edene,noqwathule lwalo lube njengensimu kaJehova;injabulo nentokozo kuyakufunyanwa khona,ukubonga nezwi lokuhlabelela.

4 “Ngizweni, bantu bami,ningibekele indlebe nina sizwe sami,ngokuba kuyakuphuma kimi umthetho,ngibeke ukwahlulela kwami kube ngukukhanya kwabantu.

5 Ukulunga kwami kuseduze,insindiso yami iphumile,izingalo zami ziyakubahlulela abantu;iziqhingi ziyangihlalela,zilindela umkhono wami.

6 Phakamiselani amehlo enu ezulwini,niwubheke umhlaba phansi,ngokuba izulu liyakunyamalala njengomusi,umhlaba uguge njengengubo,nabakhileyo kuwo bafe njengezinsensane,kepha insindiso yami iyakumakuze kube phakade,nokulunga kwami akuyikuphela.

7 “Ngilaleleni nina enazi ukulunga,abantu abamthetho wami usezinhliziyweni zabo;ningesabi ukusolwa ngabantu,ningapheli amandla ngezithuko zabo.

8 Ngokuba inundu iyakubadla njengengubo,nebhu libadle njengoboya bezimvu,kodwa ukulunga kwami kuyakuma kuze kube phakade,nensindiso yami ezizukulwaneni ngezizukulwane.”

9 Vuka, vuka,wembathe amandla wena mkhono kaJehova,vuka njengasezinsukwini zasendulo,ezizukulwaneni zamandulo.Akusuwe owamnquma kabili uRahabi,wamgwaza udrako,* na?

10 Akusuwe owomisa ulwandle,amanzi asotweni olujulileyo,owenza izinzulu zolwandle zaba yindlelayokuba kuwele abahlengiweyo, na?

11 Abahlawulelweyo bakaJehova bayakubuya,bafike eSiyoni bejabula;intokozo engapheliyo iyakuba semakhanda abo,bathole injabulo nentokozo,usizi nokububula kubaleke.

12 “Yimina, yimi enginguye oniduduzayo;ungubani wena ukuba wesabe umuntu ofayo,nendodana yomuntu eyakwenziwa ibe njengotshani, na?

13 Ukhohliwe uJehova uMenzi wakhoowaleneka izulu nowasibeka isisekelo somhlaba;uthuthumele njalo izinsuku zonkengokufutheka komcindezelinjengokungathi ozilungiselela ukuchitha;kuphi ukufutheka komcindezeli na?

14 Othotshisiweyo uyakushesha ukukhululwa;kayikufa, kayikwehlela egodini,kayikuswela isinkwa sakhe.

15 NginguJehova uNkulunkulu wakhoovusa ulwandle, ukuze amaza alo ahlokome;nguJehova Sebawoti igama lakhe.

16 Ngiwabekile amazwi ami emlonyeni wakho,ngikusibekele emthunzini wesandla sami,ukuze ngiwatshale amazulu,ngisibeke isisekelo somhlaba,ngithi kulo iSiyoni:‘Wena uyisizwe sami.’ ”

17 Vuka, vuka,usukume wena Jerusalemaophuzile esandleni sikaJehovaindebe yokufutheka kwakhe;uphuzile isitsha sendebe yokutengezela,wasiminya.

18 Akakho ongalihola phakathi kwawoonke amadodana eliwazalileyo.Akakho ongalibamba ngesandlakuwo onke amadodana eliwakhulisileyo.

19 Lokhu kokubili kukwehlele;ngubani okukhalelayo na?Lapho kukhona incithakalo nokubhujiswa,ukulamba nenkemba,ngubani ongakududuza na?

20 Amadodana akho adangele,alala ezihlokweni zezitaladi zonke,njengewula esihibeni;agcwele ukufutheka kukaJehovanokukhuza kukaNkulunkulu wakho.

21 Ngalokho ake uzwe lokhu wena ohluphekayonodakiweyo, kungengewayini kodwa;

22 isho kanje iNkosi yakhouJehova noNkulunkulu wakhoemela indaba yabantu, ithi:“Bheka, ngiyithathile esandleni sakhoindebe yokutengezela;yebo, isitsha sendebe yokufutheka kwamiawusayikusiphuza.