U-Isaya 56 ZUL59

Ukusindiswa kungokwabezizwe

1 Usho kanje uJehova, uthi:“Gcinani ukwahlulela,nenze ukulunga,ngokuba insindiso yami iseduze ukuba ifike,nokulunga kwami ukuba kwambulwe.

2 Ubusisiwe umuntu owenza lokhu,nendodana yomuntu ebambelela kukho,ogcina isabatha engaloni,osibamba isandla sakheukuba singenzi nakuphi okubi.”

3 Indodana yowezizwe ezihlanganise noJehovamayingasho ukuthi:“Impela uJehova uyakungahlukanisanabantu bakhe,”nomthenwa angathi:“Bheka, ngingumuthi owomileyo.”

4 Ngokuba usho kanje uJehova ngabathenwa, uthi:“Abagcina amasabatha ami,nabakhetha engikuthandayo,nababambelela esivumelwaneni sami

5 bona ngiyakubanika endlini yaminaphakathi kwezingange zamiisikhumbuzo negama elihlekunamadodana namadodakazi;ngiyakubanika igama eliphakade,elingayikunqunywa.

6 Nabezizwe abazihlanganisa noJehovaukumkhonza uJehova nokulithanda igama likaJehovaukuba babe yizinceku zakhebonke abaligcina isabatha, bangaloni,nababambelela esivumelwaneni sami,

7 yebo, nabo ngiyakubayisaentabeni yami engcwele,ngibathokozise endlini yami yokukhuleka;iminikelo yabo yokushiswa nemihlatshelo yaboiyakwamukeleka e-altare lami,ngokuba indlu yami iyakubizwa ngokuthiindlu yokukhuleka phakathi kwabantu bonke.”

8 INkosi uJehovaebutha abaxoshiweyo bakwa-Israyeli ithi:“Ngisezakubuthela kuye nabanyengaphandle kwabase bebuthiwe.”

U-Israyeli wonakele

9 Nonke nina zilwane zasendle,wozani nidle,nonke nina zilwane zasehlathini.

10 Bonke abalindi bayizimpumputhe,abanakwazi;bonke bayizinja eziyizimungulu,abakwazi ukukhonkotha,balala bephupha,bathanda ukozela.

11 Yebo, bayizinja ezihahayo,abakwazi ukusutha;yebo, laba bangabelusi abangenakuqonda,baphendukela bonke ezindleleni zabo,kube yilowo nalowo enzuzweni yakhe,bonke kanyekanye.

12 Wozani, ngiyakuletha iwayini,sizakuzigcwalisa ngophuzo olunamandla;nengomuso liyakuba njenganamuhla,libe likhulu kakhulu.