U-Isaya 16 ZUL59

1 Thumani amawundlu ombusi wezweaphume eSela ngasehlane,aye entabeni yendodakazi yaseSiyoni.

2 Kuyakuthi njengezinyoni ezizulazulayo,njengamaphuphu ahlakazekileyo,abe njalo amadodakazi akwaMowabiemazibukweni ase-Arinoni.

3 “Lulekanani, nenze izinqumo,ubeke isithunzi sakho njengobusukuphakathi kwemini,nithukuse abaxoshiweyo,ningadaluli ababalekileyo.

4 Abaxoshiweyo bakwaMowabi mabahlale kuwe;mawube yisivikelo kubo ebusweni bomchithi.”Lapho umcindezeli esephelile,nokuchitha sekuyekiwe,nabanyathelayo sebeqediwe ezweni,

5 kuyakumiswa isihlalo sobukhosi ngomusa,kuhlale kuso ngeqinisoetendeni likaDavideumahluleli ofuna ukwahlulela esheshisa ukulunga.

6 Sizwile ngokuziphakamisa kukaMowabiukuthi uphakeme kakhulu,nangokuzidla kwakhenokuziqhenya kwakhe nentukuthelo yakhenokuphafuza kwakhe okuzenzisayo.

7 Ngalokho uMowabi uyaklewula ngoMowabi;bonke bayakuklewula.Niyakukhala ngezigaxa zezithelo zomviniezomileyo zaseKhiri Hareshetinidabukile kakhulu.

8 Ngokuba amasimu aseHeshiboni abunilekanye nomvini waseSibima;amakhosi ezizwe achithile amagatsha awo;afinyelela naseJazeri, edukela nasehlane;amahlumela awo elulwa,awela ulwandle.

9 Ngalokho ngiyakukhalela umvini waseSibimanjengokukhala kweJazeri,ngikumanzise, Heshiboni, ngezinyembezi zami,nawe Elehale,ngokuba phezu kwezithelo zakho nokuvuna kwakhokuwile ukumemeza kwempi.

10 Ukuthokoza kususiwe kanye nokujabula ensimini;nasezivinini akuhlatshelelwa, akujatshulwa;abanyathelayo abalinyatheli iwayini ezikhamweni;ngenze ukuba kuphele ukumemeza.

11 Ngalokho inhliziyo yamiiyakhala njengehabhu* ngoMowabi,nokuphakathi kwami ngeKhiri Heresi.

12 Kuyakuthi lapho uMowabi esebonakala,azikhathaze endaweni ephakemeyo,aye endlini yakhe engcwele ukuba athandaze,angaphumeleli.

13 Yileli izwi uJehova alikhulumayo ngoMowabi ngaleso sikhathi.

14 Kepha manje uJehova ukhulumile ukuthi: “Phakathi kweminyaka emithathu njengeminyaka yomqashwa udumo lukaMowabi luyakudelelwa, noma enezixuku eziningi; insali iyakuba ncane kakhulu, ingabi namandla.”