U-Isaya 41 ZUL59

UNkulunkulu wezizwe

1 “Thulani phambi kwami nina ziqhingi,izizwe zithole amandla amasha.Mazisondele, andukuba zikhulume,sisondelane ekwahluleleni.

2 “Ngubani ovusile ukulungakuphume empumalanga,akubize ukuba kumlandele,anikele izizwe phambi kwakhe,amenze ukuba abuse amakhosi,abenze babe njengothuli ngenkemba yakhe,nanjengamabibi aphephezeliswayongomnsalo wakhe, na?

3 Uyabaxosha, adlule kahlengezindlela angazihambanga ngezinyawo.

4 Ngubani okusebenzileyo, wakwenza, na?Nguye owazibiza izizukulwane kwasekuqaleni:mina Jehova engingowokuqalanenginguye nakwabokuphela.”

5 Iziqhingi ziyakubona, ziyesaba;imikhawulo yomhlaba iyathuthumela;isondele, isifikile.

6 Yilowo nalowo usiza umakhelwane wakhe;uthi komfowabo: “Yiba nesibindi.”

7 Umbazi uqunga umkhandi isibindi,nololonga ngesando uqunga oshaya isikhandelo isibindi,ethi ngokunamathelisa: “Kuhle,”ekubethela ngezipikili,funa kunyakaziswe.

Umkhululi ka-Israyeli

8 “Kepha wena Israyeli, nceku yami,wena Jakobe engikukhethileyo,nzalo ka-Abrahama othandiweyo wami,

9 wena engikuthathile emikhawulweni yomhlaba,ngakubiza emagumbini awo,ngathi kuwe:‘Wena uyinceku yami,’ngikukhethile, angikulahlanga;

10 ungesabi, ngokuba mina nginawe;ungapheli amandla,ngokuba mina nginguNkulunkulu wakho;ngiyakuqinisa, futhi ngiyakusiza,yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami.

11 “Bheka, bonke abafuthekela wenabayakuba namahloni, bajabhe;abamelene nawe bayakuba njengento engelutho,babhubhe.

12 Uyakubafuna, ungabafumani kodwa,labo bantu abaxabana nawe;abalwa nawe bayakuba njengento engelutho nanjengeze.

13 Ngokuba yimina Jehova uNkulunkulu wakhoobamba isandla sakho sokunene,nothi kuwe: Ungesabi,mina ngiyakusiza.

14 Ungesabi wena mpethu, Jakobe,nani bantu bakwa-Israyeli;mina ngiyakukusiza,” usho uJehova;uMhlengi wakho ungoNgcwele ka-Israyeli.

15 “Bheka, ngiyakukwenza ukuba ube yisibhuloesisha esibukhali esinamazinyo;uyakubhula izintaba, uzicolisise,wenze amagquma abe njengamakhoba.

16 Uyakuwahlakaza, umoya uwasuse,isivunguvungu siwachithe;wena uyakuthokoza ngoJehova,uzibonge ngoNgcwele ka-Israyeli.

17 “Abampofu nabaswelayo bafuna amanzi, kepha awakho,nolimi lwabo luphele ukoma;mina Jehova ngiyakubaphendula,mina Nkulunkulu ka-Israyeli angiyikubashiya.

18 Ngiyakuvula imifula emadulini angenaluthonemithombo phakathi kwezigodi;ngiyakwenza ihlane libe yichibi lamanzi,nomhlabathi owomileyo ube yiziphethu zamanzi.

19 Ngiyakutshala umsedari* ehlane,umtholo, nombomvana, nomnqumo,ngibeke kwahlongasibi umsayipuresi,*nomthidari,* nomkhoba kanyekanye,

20 ukuze babone, bazi,baqaphele, baqonde kanyekanyeukuthi isandla sikaJehova sikwenzile lokhunokuthi oNgcwele ka-Israyeli wakudala.

21 “Lethani indaba yenu,” usho uJehova,“nisondeze izizathu zenu,” isho iNkosi kaJakobe.

22 “Mabazisondeze,basitshele okuyakwenzeka;izinto zakuqala ziyini na?Mabasitshele zonaukuba sizibeke ezinhliziyweni zethu,sazi ukuphela kwazo,noma nisizwise okuzayo.

23 Sitsheleni okuzayo ngesikhathi esizayo,sazi ukuthi ningonkulunkulu;yebo, yenzani okuhle noma okubi,simangale, sikubone kanyekanye.

24 Bhekani, nivela kokungekho,nemisebenzi yenu ayiyinto yalutho;uyisinengiso onikhethileyo.

25 “Ukhona engimvusile esenyakatho,wafika, nasempumalanga,ukuba abize igama lami;uyakwehlela phezu kwezikhulu njengaphezu kodaka,njengombumbi exova ibumba.

26 Ngubani owakushoyo kwasekuqaleni ukuba sazi,nangaphambili ukuba sisho sithi: ‘Uqinisile,’ na?Cha, akakho okumemezileyo,akakho nokuzwisileyo,akakho nozwayo amazwi enu.

27 Ngingowokuqala othi kulo iSiyoni:‘Bheka, babheke,’nginike iJerusalema umbiki wendaba ethokozisayo.

28 Kepha lapho ngibheka,akukho muntu,akakho phakathi kwabo umlulekiongaphendula ngazwi,lapho ngibabuzayo.

29 Bheka, bayize bonke;imisebenzi yabo ayiyinto yalutho,nezithombe zabo ezibunjiweyo zingumoya nokuyize.