U-Isaya 30 ZUL59

Izwi lokumelana nesivumelwano neGibithe

1 “Wo kubantwana abahlubukileyo,” usho uJehova,“abenza iziluleko,kungengezami nokho,nabenza isivumelwano,kungengesomoya wami kodwa,ukuze bengeze isono esonweni,

2 abahamba ukuba behlele eGibithe,bengacelanga emlonyeni wami,baziqinise emandleni kaFaro,baphephele emthunzini waseGibithe!

3 Ngalokho amandla kaFaroayakuba ngamahloni kini,ukuphephela kwenu emthunzini waseGibithekube ngukudumala kini.

4 Ngokuba noma izikhulu zakhe ziseSowani,nezithunywa zakhe zifinyelela eHanesi,

5 bonke bayakuba namahloni ngabantu abangenakubasiza,abangenansizakalo nanzuzo,kepha bengamahloni nehlazo kuphela.”

6 Isiprofetho ngezilwane zaseNingizimu.Badabula izwe losizi nelokuhlupheka,lapha kuvela khona ibhubesi nebhubesikazi,ibululu nenyoka endizayo,bethwala imfuyo yabo emihlane yezimbongolonengcebo yabo phezu kwamalunda amakamelabakuyise kubantu abangenansizakalo.

7 IGibithe lisiza ngeze nangento engelutho;ngalokho ngilibize ngokuthi iRahabi elihlezi lithule.

8 Manje hamba ukulobe phambi kwabo esibhebheni,ukubhale encwadiniukuba kube ngubufakazi besikhathi esizayokuze kube phakade.

9 Bangabantwana abahlubukileyo,abantwana abaqamba amanga,abantwana abangathandi ukuzwa umthetho kaJehova,

10 abathi kubaboni: “Ningabe nisabona,”nakubaprofethi: “Ningasiprofetheli okuqinisileyo,kepha khulumani kithina okuthophayo,niprofethe inkohliso;

11 phambukani endleleni,nichezuke emkhondweni,nimdedisele kithi oNgcwele ka-Israyeli.”

12 Ngalokho usho kanje oNgcwele ka-Israyeli, uthi:“Njengokuba nilidelela leli zwi,nethemba kukho ukucindezela nakukho okuphambeneyo,nencike kukho,

13 ngalokho lobu bubibuyakuba njengokomfantu lapho sekuzakuwa,kuvokomele ogangeni oluphakemeyo,ukudilika kwalo kufike ngokuzumayo ngokuphazima kweso.

14 Luyabhidlizwa njengokuphahlazwa kwesitsha sombumbi,esichotshozwa singahawukelwa,kungabe kusatholakala phakathi kwezihlephunodengezi lokuthatha umlilo eziko,nolokucakula amanzi emgodini.”

15 Ngokuba yasho njalo iNkosi uJehova, oNgcwele ka-Israyeli, yathi:“Niyakusindiswa ngokuphenduka nangokuphumula,amandla enu abe ngukuthula nangokwethemba;kepha anithandanga.

16 Kodwa nasho nathi: ‘Qha, siyakubaleka ngamahhashi,’ngalokho niyakubaleka:‘Sikhwele anejubane,’ngalokho abanixoshayo bayakuba nejubane.

17 Inkulungwane iyakubaleka ngokusongela koyedwa;ngokusongela kwaba yisihlanu niyakubaleka,nize nishiywe njengensika esiqongweni sentabananjengebhanela* phezu kwegquma.”

18 Ngalokho uJehova uyakulindelaukuba abe nomusa kini;nangalokhu uyakuphakama ukuba abe nesihe kini,ngokuba uJehova unguNkulunkulu wokwahlulela;babusisiwe bonke abamhlalelayo.

Isithembiso sikaNkulunkulu

19 Ngokuba wena sizwe esakhe eSiyoni eJerusalema ungabe usakhala nokukhala; uyakuba nomusa impela kuwe ngezwi lokudazuluka kwakho; lapho elizwa, uyakuphendula.

20 Noma iNkosi iyakukunika isinkwa sosizi namanzi okuhlupheka, abafundisi bakho abasayikucasha, kodwa amehlo akho ayakubabona abafundisi bakho,

21 nezindlebe zakho ziyakuzwa izwi emva kwakho, lithi: “Nansi indlela; hambani ngayo,” noma niphambuka ngakwesokunene, noma niphambuka ngakwesokhohlo.

22 Niyakujivaza okunamekiweyo kwezithombe zenu ezibaziweyo zesiliva nesimbozo sezithombe zenu ezibunjiweyo zegolide; uyakuzihlakaza njengokungcolileyo, uthi kukho: “Suka lapha.”

23 Uyakunika imbewu yakho oyakuyihlwanyela emhlabathini imvula, aveze nesinkwa ezithelweni zomhlabathi oyakuvunda, uthele kakhulu; ngalolo suku izinkomo zakho ziyakuklaba emadlelweni abanzi.

24 Izinkabi nezimbongolo ezilima umhlabathi ziyakudla ukudla okuyolisiweyo, okweliweyo ngefosholo nangembenge.

25 Kuzo zonke izintaba eziphakemeyo nakuwo onke amagquma amade kuyakuba khona imifula nemifudlana yamanzi ngosuku lokuhlaba okukhulu, lapho kuyakuwa imibhoshongo.

26 Futhi ukukhanya kwenyanga kuyakuba njengokukhanya kwelanga, nokukhanya kwelanga kuyakuphindwa kasikhombisa njengokukhanya kwezimini eziyisikhombisa ngosuku uJehova abopha ngalo amanxeba abantu bakhe, aphulukise izilonda zemivimbo yabo.

Ukunqotshwa kwe-Asiriya

27 Bheka, igama likaJehova livela kude,livutha ngolaka lwakhe,linzima ngamafu;izindebe zakhe zigcwele intukuthelo,nolimi lwakhe lunjengomlilo oqothulayo;

28 ukuphefumula kwakhe kunjengomfula okhukhulayo,uze ufinyelele entanyeni,ukuhlunga izizwe ngesihlungo sokubhubhisa;itomu elidukisayo liyakuba semihlathini yezizwe.

29 Niyakuhlabelela njengasebusukulapho kugujwa umkhosi,nithokoze ngenhliziyo njengalokhu kuhanjwa ngemitshingokuyiwe entabeni kaJehova kulo iDwala lika-Israyeli.

30 UJehova uyakulizwakalisa izwi lakhe elidumileyo,abonakalise ukwehla kwengalo yakhengokuvutha kolaka lwakhe,nangelangabi lomlilo oqothulayo,ngesivunguvungu, nangesiphepho, nangesichotho.

31 Ngokuba ngezwi likaJehova i-Asiriyaliyakushaywa luvalo,lapho elishaya ngenduku.

32 Kuyakuthi njalo lapho induku enqunyiweyo idlula,uJehova ayibeka phezu kwalo,kube ngezigubhu nangamahabhu,*alwe nalo ngengalo enikiniweyo.

33 Indawo yokushisela kade yahlelwa,yebo, yalungiselwa nenkosi;uyenze yajula, yaba banzi;igoqo layo lingumlilo nezinkuni eziningi,nokuphefumula kukaJehova kunjengomfula wesibabule;kuyayokhela.