U-Isaya 17 ZUL59

Isiprofetho ngeDamaseku

1 Isiprofetho ngeDamaseku.“IDamaseku liyakususwa,lingabe lisaba ngumuzi,libe yinxiwa nencithakalo

2 eshiyiwe kuze kube phakade,neyakuba ngeyemihlambi ebuthisa khona,ingesatshiswa muntu.

3 Inqaba iyakuphela kwa-Efrayimi,nombuso eDamaseku,nensali e-Aramu,kube njengodumo lwabantwana bakwa-Israyeli,”usho uJehova Sebawoti.

4 “Kuyakuthi ngalolo sukuudumo luka Jakobe lube buthakathaka,kuzace ukukhuluphala kwenyama yakhe.

5 Kuyakuba njengomvuni ovuna amabele aseminengalo yakhe evuna izikhwebu,kube njengokukha izikhwebu esiGodini samaRefa.

6 Kepha umkhothozo uyakusala khona njengokushaywa kweminqumo:izithelo ezimbili noma ezintathu enhlokweni phezulu,ezine noma eziyisihlanu emagatsheni omuthi,”usho uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.

7 Ngalolo suku abantu bayakumbheka uMenzi wabo,namehlo abo ayakumbuka oNgcwele ka-Israyeli.

8 Abayikubheka ama-altare abo,umsebenzi wezandla zabo,bangabuki okwenziwe yiminwe yabo,o-Ashera* nama-altare empepho.

9 Ngalolo suku imizi yabo enamandla iyakuba njengezindawo ezishiyiweyo zasehlathini nezaseziqongweni zezintaba abazishiya phambi kwabantwana bakwa-Israyeli zibe yincithakalo.

10 Ngokuba ukhohliwe uNkulunkulu wokusindiswa kwakho,awukhumbulanga idwala lamandla akho;ngalokho noma utshala izithombo ezimnandi,uhlwanyele amahlumela angaziwayo,

11 ngosuku lokutshala kwakho,lapho ubiyela,nangokusa kokuhlwanyela kwakho,lapho wenza ukuba kuqhakaze,ukuvuna kuyakubaleka ngosuku losizinolobuhlungu obungenakupholiswa.

12 Wo kukho ukuhlokoma kwezizwe eziningiezihlokoma njengokuhlokoma kwezilwandle,nomsindo wokuxokozela kwabezizweabaxokozela njengokuxokozela kwamanzi amaningi.

13 Izizwe ziyaxokozela njengokuxokozela kwamanzi amaningi,kodwa uyakuzisola, zibalekele kude,zixoshwe njengamakhoba asezintabeni phambi komoya,nothuli olushwilayo phambi kwesiphepho.

14 Ngesikhathi sokuhlwa, bheka, yingebhe;kungakasi azisekho.Yilesi esiyisabelo sabasiphangayo,nenkatho yabasamukayo.