U-Isaya 38 ZUL59

Ukugula nokusinda kukaHezekiya

1 Ngalezo zinsuku uHezekiya wagula, wayephansi kokufa. Kwafika kuye u-Isaya umprofethi, indodana ka-Amose, wathi kuye: “Usho kanje uJehova, uthi: Yalela indlu yakho, ngokuba uyakufa, awuyikusinda.”

2 UHezekiya wayesephendulela ubuso bakhe odongeni, wakhuleka kuJehova,

3 wathi: “Ngiyacela, Jehova: ake ukhumbule ukuthi ngihambile phambi kwakho ngeqiniso nangenhliziyo epheleleyo, ngenzile okuhle emehlweni akho.” Wayesekhala uHezekiya ngokukhala okukhulu.

4 Lafika ku-Isaya izwi likaJehova, lathi:

5 “Hamba, uthi kuHezekiya: ‘Usho kanje uJehova uNkulunkulu kaDavide uyihlo, uthi: Ngizwile umkhuleko wakho, ngibonile izinyembezi zakho; ngiyakwenezela ezinsukwini zakho iminyaka eyishumi nanhlanu.

6 Ngiyakophula wena nalo muzi esandleni senkosi yase-Asiriya, ngiwuvikele lo muzi.

7 “ ‘Lesi siyakuba yisibonakaliso kuwe esivela kuJehova sokuthi uJehova uyakukwenza lokho akukhulumileyo:

8 bheka, isithunzi sezinyathelo ilanga elizehlile ezinyathelweni zelanga zika-Ahazi ngiyakusibuyisa izinyathelo eziyishumi.’ ” Ilanga labuya-ke izinyathelo eziyishumi ezinyathelweni elizehlileyo.

Ihubo likaHezekiya

9 Ihubo likaHezekiya inkosi yakwaJuda lapho wayekade egula, wasinda ekuguleni kwakhe:

10 Ngathi: “Ngiphakathi nezinsuku zamingiyakungena emasangweni endawo yabafileyo,ngaphuciwe inxenye yeminyaka yami.”

11 Ngathi: “Angiyikumbona uJehova,uJehova ezweni labaphilayo;angisayikubuka muntu nginabakhileyo bezwe.

12 Idokodo lami lisishuliwe,lasuswa kimi njengetende lomalusi;ngisongile ukuphila kwami njengomaluki;uyanginquma esalukweni;kusukela emini kuze kube sebusuku uyangiqeda.

13 Ngakhala kwaze kwaba sekuseni;njengengonyama uyaphula onke amathambo ami;kusukela emini kuze kube sebusuku uyangiqeda.

14 Ngatshiyozisa okwenkonjane,ngaliliselisa okwejuba;amehlo ami aphela ngokubheka phezulu;Nkosi, ngiyacindezelwa;yiba yisibambiso sami.”

15 Ngingakhuluma ngithini na?Ukhulumile kimi, ukwenzile yena.Ngiyakubinyabinyeka yonke iminyakangomunyu womphefumulo wami.

16 Nkosi, abantu baphila ngalokho,nokuphila komoya wami kukulokho kuphelele;ngalokho mawungiphulukise, ungiphilise.

17 Bheka,kwakungokuhle kimi ukuthi nganginomunyu;wena wawuthanda umphefumulo wami,waze waphuma egodini lokubhujiswa,ngokuba uzilahlile nyovane zonke izono zami.

18 Ngokuba indawo yabafileyo ayikubongi,nokufa akukudumisi;abehlela egodini ababheki ukuthembeka kwakho.

19 Abaphilayo,abaphilayo bayakubonga njengami namuhla;uyise uyabazisa abantwana ukuthembeka kwakho.

20 UJehova uyakungisindisa;ngalokho siyakubetha ngezingubhu ezinezintambozonke izinsuku zokuhamba kwethu endlini kaJehova.

21 U-Isaya wathi: “Mabathathe isigaxa samakhiwane, basibeke ethumbeni, uyakusinda.”

22 Kepha uHezekiya wathi: “Yisibonakaliso sini sokuba ngiyakwenyukela endlini kaJehova na?”