U-Isaya 46 ZUL59

Izithombe azinakusindisa

1 UBeli uyaguqa, uNebo uyakhothama;izithombe zabo zingezezilwane nezezinkomo;enibathweleyo bangumthwalo,banzima ezilwaneni eziyethileyo.

2 Ziyakhothama, ziguqa kanyekanye,azinakuwukhulula umthwalo;nabo uqobo baya ekuthunjweni.

3 “Ngilalele wena ndlu kaJakobe,yonke insali yendlu yakwa-Israyeliengiyithwesiweyo kwasesiswini,yabekwa phezu kwami kwasesizalweni.

4 Noze niguge, nginguye,yebo, noze nibe yizimpunga,ngiyakunithwala;ngikwenzile lokhu,futhi ngiyakunetshatha,yebo, ngiyakunithwala, nginikhulule.

5 “Niyakungifanisa,ningilinganise nobani,ningiqathanise nobani ukuba sifanane na?

6 Abathulula igolide esikhwameni yini,balinganise isiliva esilinganisweni,baqashe umkhandi wesiliva ukuba enze unkulunkulu,bese bekhothama, bakhuleke, na?

7 Bamthwala ehlombe, bametshathe,bambeke endaweni yakhe ukuba eme khona,angabe esasuka endaweni yakhe;kepha uma umuntu ekhala kuye,akayikumphendula,angamsindisi osizini lwakhe.

8 “Khumbulani lokhu, nime niqinile,nibuye nicabange ezinhliziyweni zenu nina benzi bokubi.

9 Khumbulani izinto zakuqala zamandulo,ngokuba nginguNkulunkulu,akakho omunye,yebo, nginguNkulunkulu,akakho onjengami,

10 engimemezela ngaphambili okuyakuza,nasendulo izinto ezingakenziwa, ngokuthi:Icebo lami liyakuma,ngiyakwenza yonke intando yami,

11 mina engibiza inqe empumalanganomuntu wecebo lami ezweni elikude;yebo, ngikhulumile, ngiyakukufikisa;nginqumile, ngiyakukwenza.

12 Ngilaleleni nina enilukhuni ngenhliziyo,enikude nokulunga.

13 Ngiyakusondeza ukulunga kwami, akukude,insindiso yami ayiyikulibala;ngibeka insindiso eSiyoninodumo lwami kwa-Israyeli.