1 “Yizwa lokhu wena ndlu kaJakobeobiziwe ngegama lika-Israyeli,waphuma emanzini akwaJuda,ofunga igama likaJehova,odumisa uNkulunkulu ka-Israyeli,kungengaqiniso nakulunga kodwa.
2 Ngokuba bazibiza ngomuzi ongcwele,bencika kuNkulunkulu ka-Israyeli,nguJehova Sebawoti igama lakhe.
3 Ngimemezele izinto zakuqala zamandulo,zaphuma emlonyeni wami, ngazizwakalisa;ngazenza ngokuzumayo, zenzeka.
4 Ngokuba bengazi ukuthi unenkani,nentamo yakho ingumsipha wensimbi,nebunzi lakho liyithusi,
5 ngazimemezela kwasendulo,ngazizwisa kungakenzeki,funa usho uthi: ‘Isithombe sami sizenzile,isithombe sami esibaziweyo,nesithombe sami esibunjiweyo siziyalezile.’
6 Wawukuzwile konke lokho; wakubona;awuyikukumemezela na?“Ngikuzwisile okusha kusukela namuhla,yebo, nokusithekileyo ongakwazanga.
7 Kudaliwe manje, kungesendulo;awukuzwanga ngaphambi kwalolu suku,funa uthi: ‘Bheka, bengikwazi.’
8 Yebo, awuzwanga, awazanga,kwasendulo indlebe yakho ayivulwanga,ngokuba bengazi ukuthi wawukhohlisa nokukhohlisa,wabizwa ngokuthi umhlubuki kwasekuzalweni.
9 Ngenxa yegama lamingiyakulibazisa intukuthelo yami,ngizibambele wena ngodumo lwamiukuba ngingakunqumi.
10 Bheka, ngikucwengisisile,kungavelanga isiliva kodwa;ngikuvivinyile esithandweni sezinhlupheko.
11 Ngenxa yami, ngenxa yami ngiyakwenza,ngokuba igama lami lingcoliselwani na?Anginiki omunye inkazimulo yami.
12 “Ngilalele, Jakobe,wena Israyeli, obiziweyo wami;ngisenguye, ngingowokuqala,futhi ngingowokugcina.
13 Yebo, isandla sami sisibekile isisekelo somhlaba,nesokunene sami silenekile izulu;lapho ngikubizayo,kuma ndawonye.
14 “Buthanani nina nonke, nizwe;ngubani phakathi kwabo omemezela lezi zinto na?Amthandayo uJehova uyakuyifeza intando yakhe ngeBabele,nengalo yakhe iyakuba phezu kwamaKaledi.
15 Mina, mina ngikhulumile,yebo, ngimbizile,ngimlethile, uyakuphumelela endleleni yakhe.
16 “Sondelani kimi, nizwe lokhu;angikhulumanga ekusithekeni kwasekuqaleni;kusukela esikhathini sokuba kwenzeke, ngangikhona.”Manje uJehova uNkulunkulu ungithumile kanye noMoya wakhe.
17 Usho kanje uJehova uMhlengi wakho,oNgcwele ka-Israyeli, uthi:“NginguJehova uNkulunkulu wakhookufundisile okukusizayo,okuholile ngendlela omelwe ukuhamba ngayo.
18 Sengathi nga ulalele imiyalo yami!Khona ukuthula kwakho kwakuyakuba njengomfula,nokulunga kwakho njengamaza olwandle;
19 nenzalo yakho yayiyakuba ngangesihlabathi,nabantwana bezibilini zakho njengezinhlamvu zaso;igama lakhe nga linganqunywanga,lachithwa ngaphambi kwami.”
20 Phumani eBabele,nibalekele amaKaledi,nimemezele lokhu ngezwi lokujabula,nikuzwakalise lokhu,nikuphumisele nasemikhawulweni yomhlaba, ngokuthi:“UJehova uhlengile inceku yakhe uJakobe.”
21 Kabomanga lapho ebahola emahlane,wenza ukuba amanzi abagobhozele edwaleni;futhi waliqhekeza idwala,amanzi ampompoza.
22 “Akukho ukuthula kwababi,” usho uJehova.