1 Uyakusho ngalolo suku ukuthi:“Ngiyakubonga, Jehova,ngokuba wangithukuthelela,kepha intukuthelo yakho isibuyile, uyangiduduza.
2 Bheka, uNkulunkulu uyinsindiso yami;nginethemba, angesabi,ngokuba uJehova, uJehova ungamandla ami nehubo lami,waba yinsindiso yami.”
3 Ngalokho niyakukha amanzi ngokujabulaemithonjeni yensindiso.
4 Niyakusho ngalolo suku ukuthi:“Bongani uJehova,nibize igama lakhe,nizazise izenzo zakhe phakathi kwezizwe,nimemezele ukuthi igama lakhe liphakeme.
5 Hlabelelani kuJehova,ngokuba wenzile izinto ezinkulu;lokhu makwazeke emhlabeni wonke.
6 Memeza, ujabule wena ohlezi eSiyoni,ngokuba mkhulu oNgcwele ka-Israyeli phakathi kwakho.”