U-Isaya 47 ZUL59

Ukuwa kweBabele

1 “Yehla, uhlale othulini wena ntombi,ndodakazi yaseBabele,uhlale emhlabathini,kungekho sihlalo sobukhosi,wena ndodakazi yamaKaledi,ngokuba awusayikubizwa ngokuthi uthambilenokuthi uyatetema.

2 Thatha amatshe okugaya,ugaye impuphu,uyisuse imvakazi yakho,uwukhumule umhushuzo wakho,wambule umlenze, uwele imifula.

3 Ubuze bakho buyakwambulwa,yebo, ubunqunu bakho buyakubonakala;ngiyakuphindisa, ngingayeki muntu.

4 Igama loMhlengi wethu linguJehova Sebawoti,oNgcwele ka-Israyeli.

5 “Hlala uzithulele,ungene ebumnyameni,wena ndodakazi yamaKaledi,ngokuba awusayikubizwa ngokuthi iNkosikazi Yemibuso.

6 Ngabathukuthelela abantu bami,ngalingcolisa ifa lami,ngalinikela esandleni sakho;awubahawukelanga,walenza ijoka lakho ukuba lisinde kakhuluphezu kwabadala.

7 Wathi wena: ‘Ngiyakuba yinkosikazi njalonjalo.’Ngalokho awubekanga lezi zinto enhliziyweni yakho,awukhumbulanga ukugcina kwazo.

8 “Manje yizwa lokhu wena ozijabulisayo,ohlala ulondekile,othi enhliziweni yakho:Yimi, akakho omunye;angiyikuhlalisa okomfelokazi,nokufelwa abantwana angiyikukwazi.

9 Kodwa lokhu kokubili kuyakufika kuwengokuphazima kweso ngalusuku lunye,ukufelwa, kwabantwana nobufelokazikufike phezu kwakho ngokugcweleyophakathi kobuningi bamalumbo akho,nobuningi beziphonso zakho.

10 Wethembile ebubini bakho, wathi:‘Akakho ongibonayo.’Ukuhlakanipha kwakho nokwazi kwakho kukudukisile;wathi enhliziyweni yakho:‘Yimi, akakho omunye.’

11 Kepha ububi buyakukwehlela,awuyikwazi lapho buvela khona;nengozi iyakuwela phezu kwakho,awuyikuba namandla okuyichezukisa,incithakalo ifike phezu kwakho ngokuzumayo,ungazi.

12 “Yima manje neziphonso zakhonobuningi bamalumbo akhookhandlekile kukho kwasebusheni bakho;mhlawumbe uyakusizakala,mhlawumbe uyakubanga uvalo.

13 Ukhathele ngobuningi bamacebo akho;mabasukume, bakusindise abadabula izulu,nababheka izinkanyezi,nabazisa ngezinyanga ezintsha ukuthikuphi lapho kuzakuvela khona lokhu okuzakukwehlela.

14 Bheka, bayakuba njengamabibi ashiswa ngumlilo,abayikuzophula emandleni elangabi;akusilo ilahle lokotha,akusiwo umlilo wokuba kuhlalwe phambi kwawo.

15 Ziyakuba njalo kuwe izinto okhandleke kuzo,zihambisene nawe kwasebusheni bakho;seziyakuzulazula,kube yileyo naleyo ngendlela yayo,ekusindisayo ingabikho.