U-Isaya 21 ZUL59

Isiprofetho ngeBabele

1 Isiprofetho ngehlane lolwandle.Njengokudlula kwezivunguvungu eningizimukuvela ehlane ezweni elesabekayo.

2 Ngitshelwe umbono olukhuni:umphangi uyaphanga,umchithi uyachitha.Yenyuka, Elamu, vimbezela, Mediya;konke ukukhala kwalo ngikwenza kuphele.

3 Ngalokho ukhalo lwami lugcwele imihelo;inkwantshu ingibambile njengenkwantshu yobelethayo;ngikhonkobele ukuba ngingezwa,ngiphele amandla ukuba ngingaboni.

4 Ngadukelwa yingqondo,ngashaywa luvalo;ukuhwelela engakulangazelelakwaphenduka ukuthuthumela kimi.

5 Ngukulungisa itafula yini?Ngukwendlala izindwangu,ukudla nokuphuza, na?Hhayi, sukumani, zikhulu,nicobe izihlangu.

6 Ngokuba ishilo kanje iNkosi, yathi:“Hamba umise umlindiozakubika akubonayo.

7 Lapho ebona abamahhashi,amahhashi amabili ngamabili,nezinkweli zezimbongolo,nezinkweli zamakamela,uyakuqaphela nokuqaphela ngesineke esikhulu.”

8 Obonayo wayesememeza, wathi:“Nkosi yami,ngimi njalo emini embhoshongweni wami,ngihlezi ngisemlindelweni nasebusuku bonke.

9 Bheka, kuyeza isigaba samadoda,amahhashi amabili ngamabili.Wathatha wathi: ‘Liwile, liwile iBabele,nazo zonke izithombe ezibaziweyozawonkulunkulu balo zidilizwe phansi.’ ”

10 Wena ongokubhuliweyo kwami kwesibuya sami,engikuzwileyo kuJehova Sebawoti,uNkulunkulu ka-Israyeli,khona ngiyanazisa.

Isiprofetho ngeDuma

11 Isiprofetho ngeDuma.Ukhona ongimemeza ngiseSeyiri, ethi:“Mlindi, yisikhathi sini sobusuku na?Mlindi, yisikhathi sini sobusuku na?”

12 Umlindi wathi: “Kuyeza ukusa,kepha kuse sebusuku.Uma nithanda ukubuza, buzani;buyani nize.”

Isiprofetho nge-Arabiya

13 Isiprofetho nge-Arabiya.Hlalani ebusuku ehlathini lase-Arabiyanina mahele aseDedanimi.

14 Owomileyo bamlethela amanziabakhileyo ezweni laseThema,bahlangabeza ababalekayo nesinkwa.

15 Ngokuba babalekela izinkemba,izinkemba ezihoshiweyo,neminsalo ensaliweyo,nobunzima bempi.

16 Ngokuba iNkosi ishilo kimi kanje, yathi: “Phakathi komnyaka, njengeminyaka yomqashwa, udumo lonke lwaseKedari luyakuphela,

17 nensali yenani leminsalo yamaqhawe abaseKedari iyakuba ncane,” ngokuba uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ukhulumile.