U-Isaya 63 ZUL59

Usuku lokuphindisela

1 Ngubani lona ovela kwa-Edomienezingubo ezibomvu zakwaBosira,lona ohlobile ngezambatho zakheehamba ngobukhulu bamandla akhe, na?“Yimi engikhuluma ngokulunganenginamandla okusindisa.”

2 Kungani ukuba izambatho zakho zibomvu,nezingubo zakho zinjengezonyathelaesikhamweni sewayini, na?

3 “Isikhamo sewayini ngisinyathele ngingedwa;kwakungekho nami noyedwa kubantu;ngabanyathela ngentukuthelo yami,ngabaciphiza ngokufutheka kwami,negazi labo lasaphazeka ezingutsheni zami,ngazingcolisa zonke izambatho zami.

4 Ngokuba usuku lokuphindisela lwalusenhliziyweni yami;umnyaka wokuhlenga kwami usufikile.

5 Ngabheka, kepha kwakungekho osizayo;ngamangala, kepha kwakungekho osekelayo;yayisingisindisa ingalo yami,nokufutheka kwami kwangisekela.

6 Ngase nginyathela abantu ngentukuthelo yami,ngabachoboza ngokufutheka kwami,ngathululela phansi igazi labo.”

7 Ngiyakubonga umusa kaJehova,ngimdumise uJehovangakho konke uJehova asenzele khona,nokuhle okuningi phezu kwendlu ka-Israyeliayisebenzele khona ngobubele bakhenangobuningi bomusa wakhe.

8 Wathi: “Nempela bangabantu bami,abantwana abangakhohlisi,”waba ngumsindisi wabo.

9 Ezinhluphekweni zabo zonke wahlupheka naye,ingelosi yobuso bakhe yabasindisa;ngothando lwakhe nangokuhawukelakwakhe wabahlenga,wabanqukula,wabathwala zonke izinsuku zakuqala.

10 Kepha bahlubuka,badabukisa uMoya wakhe oNgcwele,waphenduka isitha sabo, walwa nabo.

11 Abantu bakhe base bekhumbulaizinsuku zakuqala zikaMose, bathi:Uphi yena owabakhipha elwandlekanye nabelusi bomhlambi wakhe, na?Uphi yena owabeka uMoya wakhe oNgcwele phakathi kwabo,

12 owenza ukuba ingalo yakhe emangalisayoihambe ngakwesokunene sikaMose,owahlukanisa amanzi phambi kwaboukuba azenzele igama eliphakade;

13 owabadabulisa elwandle njengehhashi ehlane,ukuze bangakhubeki, na?

14 Njengezinkomo ezehlela esigodiniuMoya kaJehova wabaphumuza.Wahola kanjalo abantu bakhoukuba uzenzele igama elimangalisayo.

15 Bheka usezulwini,ubone usendaweni yobukhosi bakho neyodumo lwakho:kuphi ukushisekela kwakho nemisebenzi yakho yamandla na?Ukuvutha kwesihe sakho nobumnene bakho kugodliwe kimi.

16 Ngokuba wena unguBaba;ngokuba u-Abrahama akasazi,no-Israyeli akasivumi.Wena Jehova unguBaba;igama lakho linguMhlengi wethu waphakade.

17 Jehova, usidukiselani ezindleleni zakho,uzenze lukhuni izinhliziyo zethu zingakwesabi, na?Buya ngenxa yezinceku zakho,izizwe zefa lakho.

18 Abantu bakho abangcwelebalidla ifa isikhashana nje;izitha zethuzinyathele phansi indlu yakho engcwele.

19 Sinjengalabo ongazange ubuse phezu kwabo,nabangabizwanga ngegama lakho.