1 Isiprofetho ngoMowabi.Impela ebusuku bunye i-Ari Mowabi linqotshiwe,lichithekile;impela ebusuku bunye iKhiri Mowabi linqotshiwe,lichithekile.
2 Bayakhuphukela ethempelini;iDiboni lenyukela ezindaweni eziphakemeyo ukuyokhala;uMowabi uyaklewula eNebo naseMedeba;onke amakhanda ayizimpandlana,zonke izilevu ziphuculiwe.
3 Ezitaladini zabo bayabhinca indwangu yamasaka,nasophahleni lwabo nasezigcawini zabobayaklewula bonke,bamululeka izinyembezi.
4 IHeshiboni liyadazuluka kanye ne-Elehale;izwi labo lizwakala kuze kube naseJahasi;ngalokho amabutho akwaMowabi ayakhamuluka,umphefumulo wakhe uyathuthumela phakathi kwakhe.
5 Inhliziyo yami ikhalela uMowabi;ababalekileyo bakhe bayabalekela eSora,nase Egila Shelishiya;yebo, nasegqumeni laseLuhithe bakhuphukela bekhala,nasendleleni eya eHoronayimi,bephakamisa izwi lokudazuluka.
6 Ngokuba amanzi aseNimrimi ayincithakalo,notshani buyoma, uhlaza luyaphela,akusekho okuluhlaza.
7 Ngalokho okuseleyo abakutholileyo, nemfuyo yabo,bakuwelisa uMfula Weminyezane.
8 Ngokuba ukukhala kuzungeze imikhawulo yakwaMowabi,nokuklewula kwakhe kuze kube se-Egelayimi,nokububula kwakhe kuze kube seBeri Elimi.
9 Ngokuba amanzi aseDimoni agcwele igazi;yebo, ngiyakwehlisela iDimoni nokunye:ingonyama phezu kwabasindileyo bakwaMowabi,insali yezwe.