U-Isaya 2 ZUL59

Intaba yendlu kaJehova

1 Indaba ayibonayo u-Isaya indodana ka-Amose ngoJuda neJerusalema.

2 Kuyakuthi ngezinsuku ezizayointaba yendlu kaJehova iqiniswe esiqongweni sezintaba,iphakame kunamagquma,nezizwe zonke ziyakugobhozela khona.

3 Abantu abaningi bayakuhamba, bathi:“Wozani sikhuphukele entabeni kaJehovaendlini kaNkulunkulu kaJakobe;uyakusifundisa izindlela zakhe,sihambe emikhondweni yakhe,”ngokuba umthetho uyakuvela eSiyoni,nezwi likaJehova eJerusalema.

4 Uyakwahlulela phakathi kwezizwe,anqume phakathi kwabantu abaningi;bayakukhanda izinkemba zabo zibe ngamakhuba,nemikhonto yabo ibe ngocelemba;isizwe asiyikuphakamisela isizwe inkemba,zingabe zisafunda ukulwa.

5 Wena ndlu kaJakobe,woza sihambe ekukhanyeni kukaJehova.

Usuku lukaJehova

6 Ngokuba ushiyile abantu bakho,indlu kaJakobe,lokhu begcwele ezasempumalanga,behlola imihlola njengamaFilisti,bexhawulana nabantwana babezizwe.

7 Izwe lakubo ligcwele isiliva negolide,akukho ukuphela kwengcebo yabo;izwe lakubo ligcwele futhi namahhashi,nokuphela kwezinqola akukho.

8 Izwe lakubo ligcwele futhi nezithombe;bakhuleka kokwenziwe yizandla zabonakwekwenzileyo iminwe yabo.

9 Kepha abantu bayakufoliswa,namadoda ayakuthotshiswa;abayikuthethelelwa.

10 Ngena edwaleni, ucashe othuliningokwesabeka kukaJehova nangodumo lobukhosi bakhe.

11 Amehlo omuntu aziphakamisileyo ayakuthotshiswa,nokuzikhukhumeza kwamadoda kuyakufola,kuphakame uJehova kuphela ngalolo suku.

12 Ngokuba uJehova Sebawoti unosuku oluyakubaphezu kwakho konke okuzidlayo nokuzikhukhumezayo,naphezu kwakho konke okuphakemeyo, kuthotshiswe,

13 naphezu kwayo yonke imisedari* yaseLebanoni,emide nephakemeyo,naphezu kwawo onke ama-oki* aseBashani,

14 naphezu kwazo zonke izintaba ezinde,naphezu kwawo onke amagquma aphakemeyo,

15 naphezu kwayo yonke imibhoshongo ephakemeyo,naphezu kwazo zonke izingange eziqinisiweyo,

16 naphezu kwayo yonke imikhumbi yaseTharishishi,naphezu kwayo yonke imikhunjana enxanelekayo.

17 Ukuzikhukhumeza kwabantu kuyakufoliswa,nokuziphakamisa kwamadoda kuyakuthotshiswa,kuphakame uJehova kuphela ngalolo suku,

18 ziphele izithombe, zithi nya.

19 Bayakungena emihumeni yamadwala nasemigodini yomhlabangokwesabeka kukaJehova nangodumo lobukhosi bakhe,lapho evuka ukushaya umhlaba ngovalo.

20 Ngalolo suku abantu bayakulahla kuwoamavukuzi nakuwo amalulwaneizithombe zabo zesilivanezithombe zabo zegolide,abazenzele zona ukuba bakhuleke kuzo,

21 ukuze bangene emihumeni yamadwalanasemifantwini yeziwangokwesabeka kukaJehovanangodumo lobukhosi bakhe,lapho evuka ukushaya umhlaba ngovalo.

22 Bayekeni abantu okusemakhaleni abo kukhona ukuphefumula nje,ngokuba babalwa njengantoni na?