U-Isaya 25 ZUL59

Insindiso kaJehova

1 Jehova, unguNkulunkulu wami;ngiyakukuphakamisa,ngidumise igama lakho,ngokuba wenzile izimangaliso,namasu asendulo, nokuthembeka, neqiniso.

2 Ngokuba wenzile umuzi waba yinqwaba,nomuzi obiyelweyo waba yincithakalo;indlu yamakhosi abafokazi ayiseyiwo umuzi,ayisayikwakhiwa futhi kuze kube phakade.

3 Ngalokho abantu abanamandla bayakukudumisa,imizi yezizwe ezinonya zikwesabe.

4 Ngokuba ubuyinqaba kwabampofu,inqaba kwabaswelayo ekucindezelweni kwabo,isiphephelo esivunguvungwini,umthunzi ekubaleleni,ngokuba umoya waba nonya,unjengesivunguvungu odongeni,

5 nanjengokushisa endaweni eyomileyo.Uyathobisa umsindo wabafokazi;njengokubalela ngomthunzi wefu,kanjalo ihubo labanonya liyakudanjiswa.

6 UJehova Sebawoti uyakwenzela abantu bonkeidili lokukhulupheleyo kule ntaba,idili lewayini elinenhlese,okukhulupheleyo okunomnkantsha,iwayini elinenhlese elicwengekileyo.

7 Uyakuchitha kule ntaba ingaphandlelesimbozo esimboza abantu bonke,nomgubuzelo ogubuzela zonke izizwe.

8 Uyakugwinya ukufa kuze kube phakade;iNkosi uJehova iyakwesula izinyembezi ebusweni bonke,isuse amahloni abantu bakhe emhlabeni wonke,ngokuba uJehova ukhulumile.

9 Kuyakuthiwa ngalolo suku:“Bheka, lo unguNkulunkulu wethu;simhlalele, uyakusisindisa;lo unguJehova; simhlalele;siyakujabula, sithokoze ngensindiso yakhe.”

10 Ngokuba kule ntaba isandla sikaJehova siyakuphumula,noMowabi uyakunyathelwa phansi endaweni yakhenjengotshani bunyathelwa emgodini womquba.

11 Noma elula izandla zakhe phakathi kwawonjengohlambayo elula ukuba ahlambe,uyakuthobisa ukuziphakamisa kwakhekanye nobuhlakani bezandla zakhe.

12 Izinqaba eziphakemeyo zezingange zakhouyakuzibhidliza, azithobise,azenze ukuba zithintane nomhlabathi nothuli.