2 Ngiyakuvuka, ngihambahambe emzini,ezitaladini nasezigcawini;ngiyakufuna othandwa ngumphefumulo wami;ngamfuna, kepha angimtholanga.
3 Abalindi bangifumanabehambahamba emzini:“Nimbonile othandwa ngumphefumulo wami na?”
4 Ngangidlule kancane nje kubo;ngase ngimthola othandwa ngumphefumulo wami;ngambamba, angivumanga ukuba ahambe,ngaze ngamngenisa endlini kamamenasekamelweni lowangikhulisayo.
5 Ngiyanifungisa,madodakazi aseJerusalema,ngezinsephe nangezindluzelekazi zasendleukuba ningalunyakazisi,ningaluvusi uthando,lungakavumi.
6 Ngubani owenyuka ehlane njengezinsika zomusi,eqhole ngemure* nangenhlaka,nangawo onke amakha omthengi, na?
7 Bheka, luhlaka lukaSolomoni!Amaqhawe angamashumi ayisithupha aluzungezileemaqhaweni akwa-Israyeli.
8 Onke aphethe izinkemba,afundile ukulwa;yilowo nalowo muntu unenkemba yakhe okhalweni lwakhengokwesaba ebusuku.