1 Sengingenile ensimini yami,dadewethu, makoti wami;ngiyabutha imure* lami namakha ami,ngiyadla amakhekheba ami kanye nezinyosi zami,ngiyaphuza iwayini lami kanye nobisi lwami.Yidlani, bangane,niphuze, nisuthe ngothando.
2 Bengilele,kepha inhliziyo yami ibiphapheme;kuyizwi lothandiweyo wami elingqongqotha lithi:“Ngivulele, dadewethu,sithandwa sami,juba lami, opheleleyo wami,ngokuba ikhanda lami ligcwele amazolo,nesihluthu sami amaconsi asebusuku.”
3 Ngikhumulile isambatho sami,ngingasifaka kanjani?Ngigezile izinyawo zami,ngingazingcoliselani na?
4 Othandiweyo wayesengenisa isandla sakhe embotsheni,izibilini zami zamhawukela.
5 Ngavuka ukumvulela othandiweyo wami;izandla zami zaconsa imure,*neminwe yami imure elimanziphezu kwezibambo zesihluthulelo.
6 Ngamvulela-ke othandiweyo wami,kepha othandiweyo wami ubephendukile,wamuka;umphefumulo wami wawuphela ngokukhuluma kwakhe,ngamfuna, kepha angamthola;ngambiza,kodwa akaphendula.
7 Abalindi bangifumanabehambahamba emzini,bangishaya, bangilimaza;abalindi bezingange bangaphuca imvakazi yami.