3 Ngikhumulile isambatho sami,ngingasifaka kanjani?Ngigezile izinyawo zami,ngingazingcoliselani na?
4 Othandiweyo wayesengenisa isandla sakhe embotsheni,izibilini zami zamhawukela.
5 Ngavuka ukumvulela othandiweyo wami;izandla zami zaconsa imure,*neminwe yami imure elimanziphezu kwezibambo zesihluthulelo.
6 Ngamvulela-ke othandiweyo wami,kepha othandiweyo wami ubephendukile,wamuka;umphefumulo wami wawuphela ngokukhuluma kwakhe,ngamfuna, kepha angamthola;ngambiza,kodwa akaphendula.
7 Abalindi bangifumanabehambahamba emzini,bangishaya, bangilimaza;abalindi bezingange bangaphuca imvakazi yami.
8 Ngiyanifungisa, madodakazi aseJerusalema,uma nimfumana othandiweyo wami,ukuba nimtshele ukuthi ngiyafa uthando.
9 Othandiweyo wakho udlula ngani omunye,wena muhlekazi phakathi kwabesifazane, na?Othandiweyo wakho udlula kuphi omunyeukuba usifungise kanjalo na?