1 Othandiweyo wakho uyephi,wena muhlekazi phakathi kwabesifazane;ushonephi othandiweyo wakhoukuba simfune kanye nawe na?
2 Othandiweyo wami wehlele ensimini yakhe,ezindimeni zamakha,ukuba aluse ensimini,akhe iminduze.
3 Mina ngingowothandiweyo wami,nothandiweyo wami ungowami,lapho alusa phakathi kweminduze.
4 Umuhle, sithandwa sami, njengeTirisa,umnandi njengeJerusalema,kepha wesabeka njengezimpi.
5 Susa amehlo akho kimi,ngokuba ayangiphaphathekisa;izinwele zakho zinjengomhlambi wezimbuziowehla entabeni yakwaGileyadi.
6 Amazinyo akho anjengomhlambi wezimvukaziezikhuphuka zigeziwe,zinamawele zonke,kungekho neyodwa phakathi kwazo efelweyo.
7 Izihlathi zakho zinjengenxenye yepomegranati*emva kwemvakazi yakho.