3 Mina ngingowothandiweyo wami,nothandiweyo wami ungowami,lapho alusa phakathi kweminduze.
4 Umuhle, sithandwa sami, njengeTirisa,umnandi njengeJerusalema,kepha wesabeka njengezimpi.
5 Susa amehlo akho kimi,ngokuba ayangiphaphathekisa;izinwele zakho zinjengomhlambi wezimbuziowehla entabeni yakwaGileyadi.
6 Amazinyo akho anjengomhlambi wezimvukaziezikhuphuka zigeziwe,zinamawele zonke,kungekho neyodwa phakathi kwazo efelweyo.
7 Izihlathi zakho zinjengenxenye yepomegranati*emva kwemvakazi yakho.
8 Amakhosikazi angamashumi ayisithupha,nezancinza zingamashumi ayisishiyagalombili,nezintombi azinakubalwa.
9 Kepha ijuba lami,opheleleyo wami munye nje;ungoyedwa kunina,ungokhethiweyo wakhe owamzalayo.Amantombazana ayambona,athi ubusisiwe;amakhosikazi nezancinza bayamdumisa.