5 Ikhanda lakho kuwe linjengeKarmeli,nomyeko wekhanda lakho unjengokububende;kuboshiwe inkosi ngesiyendane.
6 Umuhle, umnandi kangakananiwena othandwa ngenjabulo!
7 Isimo sakho siyisundu,namabele akho omabili anjengamahlukuzo.
8 Ngathi: “Ngiyakukhwela esundwini,ngibambe amagatsha alo.”Amabele akho mawabe ngamahlukuzo omvini,nephunga lokuphefumula kwakho njengama-apula,*
9 nomlomo wakho njengewayinielihle elihamba lehle kamnandi,lewuka ngezindebe nangamazinyo.
10 Mina ngingowothandiweyo wami,uyanginxanela.
11 Woza wena othandiweyo wami,siye endle,silale emizaneni.